Uncategorised

Yethule i-Ultra Marathon eThekwini i-Orcas Academy

YETHULE ngokusemthethweni umjaho wayo wokuqala i-Orcas Academy okuzokube kuwu-50km Ultra Marathon ozokuba mhla ka-20 ku-April eThekwini.
Ukwethulwa kwalo mjaho bekuhanjelwe nguMqondisi Ngcobo ongusihlalo weComrades Marathon Association (CMA), u-Aleck Skhosana obengumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ne-Athletics South Africa (ASA).


Izindaba zokuba khona kwalo mjaho ziqinisekiswe ngumsunguli we-Orcas Academy uProdigal Khumalo. Lesi sikhungo sisungula lo mjaho phambilini besineTraining Run eyaqala ngo-2018 ebiseNanda njengoba manje sebehlela umjaho. ITraining Run yabo beyihanjelwa ngabasubathi abaningi abanohlonzo. Phakathi kwabo kukhona uBongumusa Mthembu, uNkosikhona Mhlakwana ukubala nje abambalwa.
Lo mjaho uzokube uhambisana no-25km kanti ngoMgqibelo ngaphambi ko mjaho kuzokuba neTrail Run eyavuleleke kuwo wonke umuntu. Ngokusho kukaKhumalo kulo mjaho balindele abasubathi abasubathi abangaphezulu kuka-3000 noma ngaphezulu.
“Ngijabule kakhulu ukuthi iTraining Run yethu igcine seyiwumjaho. Okuhle ngalo mjaho wukuthi uzosiza labo basubathi abaya kwiComrades Marathon kwazise ungeminye yokuzibekisela isikhathi.
“Njengomuntu oyigijimile iComrades futhi ongumqeqeshi kubalulekile ukuba nomjaho waleli banga uma sekusele izinsuku ezingaphansi kuka-40 ngaphambi kweComrades. Liyasiza ukukwazi ukumelana nobunzima balo mjaho. Nginethemba elikhulu lokuthi sizokwazi ukuthola isibalo esisidingayo. Silindele izikhathi ezinhle kwazise umzila wethu muhle futhi kuzokube kugijinywa kugudlwa ulwandle,” kusho uKhumalo osegijime iComrades amahlandla angaphezulu kweshumi.


UNgcobo naye uhambe emazwini kaKhumalo uthi kuyasiza ukuba nomjaho waleli banga ngaphambi kweComrades. Uthi okuhle ngawo wukuthi umzila uqondile, kanti angajabula uma abadidiyeli bawo bengafaka umata ku-42km ukuze abasubathi abazohluleka ukwenza u-50km basebenzisa isikhathi abasenze bedlula kuleli banga.
Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.eventtiming.co.za