Sezibheke imidlalo yokuhlunga izingqwele zoBHUQU Tournament

UMKHAMBATHI FC ne-All Stars babe izingqwele zoBHUQU Tournament obekuyimadlalo ebihlelwe uMnyango wezemidlalo wesifundazwe oqale ngoMgqibelo wasongwa ngeSonto KwaMsane Sports Complex, eMtubatuba. Lo mqhudelwano ubulandela indumezulu yeKZN Netball Awards abengoMgqibelo eBon Hotel eMpangeni lapho bekuklonyeliswa abadlali, abaqeqeshi, abezindaba ukubala nje abambalwa. Kulo mqhudelwano wobhuqu bekukhona nabebhola lo mqakiswano obuhlelelwe bonke omasipala besifundazwe.
Kwibhola lezinyawo bekudlala amaqembu amane e-ABC Motsepe League namathathu adlala kwiSasol League.UMkhambathi uhlele uMsinga kowamanqamu ngo-1-0. Lapha bekuhlungwa iqembu elizongena kwi-last 32 yeNedbank Cup ezoqala maduze. I-All Stars izobamba iqhaza kumaNational Play-offs eSasol League kanti abazokwenza kahle bazothola ithuba lokungena kwiHollywoodbets Super League.

Umqeqeshi we-All Stars uNkosinathi Mbili uthe bajabule kakhulu ngokuba yingxenye yalo mqhudelwano.
“Ngiyabonga kakhulu kuMnyango wezemidlalo wesifundazwe oholwa uMntomuhle Khawula ngalo mqhudelwano woBHUQU Tournament. Ikilabhu yami intsha siyisungule nonyaka kanti inhloso yawo bekuwukususa intsha yamantombazane emgwaqweni.
“Iqembu lethu lenza kahle kakhulu. Siyibheke ngabomvu imidlalo yama-Play-off eSasol. Iphupho lethu elikhulu ukungena emidlalweni yeHollywoodbets Super League. Ngendlela izingane ezizimisele ngayo, nginethemba lokuthi ngonyaka ozayo sizokube sigijima esigabeni esikhulu. Inkinga enginayo ukuthi izingane eziningi ziyafunda. Kunabadlali abaqede ukubhala ngoLwesine bajoyine iqembu ngoLwesihlanu. Abakwazanga ngisho ukuthola ithuba lokuziqeqesha nekilabhu.
“Ngithanda ukubonga usoseshini wethu iKwaMashu Local Football Association ngokuseseka. Ngaphandle kwayo ngabe kasikho lapha. Ngiyathembisa ukuthi ngeke sibaphoxe njengoba siya eGoli kuma-Play-off ngenyanga ezayo,”kusho uMbili.

UKhawula ubeyingxenye yalo mqhudelwano kusuka ngoMgqibelo kwaze kwaba isonto. Uthi kuwumsebenze wabo ukuletha ezemidlalo kubantu. Uthi bajabule kakhulu.
Imidlalo ihambe kahle kakhulu kanti nezinga beliphezulu kakhulu. Uthi ufisela labo abayomela isifundazwe ukuba benze kahle. Uphethe ngokubonga umphakathi ngokuphuma ngobuningi bawo ukuzoyeseka. Ebholeni lo mqakiswano kunqobe i-Theku lehlula uThukela kwathi abalala isithathu kwaba uGu.
