“Ngiphoxekile ngishiywa sekusele amakholomitha amabili ukuba ngikhale ngemuka no-R150 000,” kusho u-Ayanda osejwayele ukungena endaweni yesibili emijahweni emqoka

IMEYA yaseMzinyathi uThembisile Mchunu ehalalisela abasubathi bokuqala abathathu kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon okuwu-Onalenna Khonkhobe, u-Uyanda Ngcobo noSboniso Skhakhane. Isithombe: Sithunyelwe
UDUMELE u-Ayanda Ngcobo ephunyukwa u-R150 000 sekusele amakhilomitha amabili ngaphambi kokuba ashaye intambo kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon ebingeSonto isukela eNquthu yasongwa eDundee.
UNgcobo ugcine ethathe indawo yesibili ngesikhathi esiwu-2:56:54 elandela u-Onalenna Khonkhobe wasewNorth West oshaye intambo ngesikhathi esiwu-2:56:40.Lo msubathi ongowokudabuka eMsinga ungene enkundleni kwachwaza kwazise ungumsubathi wendawo. UNgobo ungena isibili kulo mjaho nje, usanda kungena isibili kwiBest of the Best Marathon lapho ashiywa khona uSiyabonga Mafuleka sekuthiwa uyawuthatha umjaho.

U-AYANDA Ngcobo enza umdlalo wakhe awuthandayo wokugijima ngaphambi kweComrades Marathon afuna ukwenza kahle kuyona. Isithombe: Facebook
“Umjaho ube muhle kakhulu kanti ngijabulile ngesikhathi engisenzile. Yize ngijabulile kodwa ngiphoxekile ngokuphucwa iqatha emlonyeni sekusele amakhilomitha amabili.
“Kuthe sekusele amakholomitha ayisihlanu bengiwunombolo 5 sibheke entabeni. Ngimbonile uKhonkhobe ukuthi usefuna ukuhamba ngimjahile ngafika ngamuzwa, ngambona ukuthi akekho nzima kakhulu. Kuthe uma sekusele amakhilomitha amabili wangivukela esiswini uKhonkhobe ngagcina ngingakwazanga ukumelana naye. Ngiyayijabulela indawo yisibili,” kusho uNgcobo oqhube wathi ubengenalo ithemba lokuthi uzogijima kahle kulo mjaho ngenxa yokuba nokulimala.

IXCEL Running Club ebe yikilabhu yabesilisa evelele kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon ibiholwa ngu-Ayanda Ngcobo okwesokudla. Isithombe: Xcel Facebook Page.
Lo msubathi uqhube wathi into ayibhekile njengamanje, iComrades Marathon. Uthi ukukwazi ukugijima noKhonkhobe kumnika ithemba lokuthi uzoyigijima kahle.
“Ngendlela engijime kahle ngayo namuhla kunginika elikhulu ithemba lokuthi ngizokwenza kahle kwiComrades. Iqembu engiziqeqesha nalo lihle kakhulu okuwuDelani Mkhize noJane Mhlakwana onqobe iChatsworth Ultra Marathon abasefomini enhle kakhulu. Bebekhona kulo mjaho. Ngiyabona ukuthi usuku olungabavumanga,” kusho uNgcobo osubathela iXcel Running Club.
Ngokungena kwakhe isibili uNgcobo uhlomule ngo-R50 000. Uthi zinkulu izinhlelo anazo ngalo mklomelo awuzuzile. Uthi okwamanje ngeke akwazi ukuzinekela umhlaba.
