AbaseMlazi bayithemba leKwaZulu-Natal emidlalweni yamajuniya

Ngabadlali beThemba Athletics Club okubhekwe ukuba baphakamise ifulegi lesifundazwe eCape Town ngempelasonto:Isithombe: Sithunyelwe
INJABULO kuBheki Ngubane ongumqeqeshi weThemba Athletics Club abasubathi bakhe beqokelwa eqenjini lesizwe eliya emidlalweni ye-Athletics South Africa (ASA) Age Groups Championships ehlangane no-U/23 eqale namuhla kuze kube yiSonto eGreen Point Stadium, eCape Town.
Abasubathi abamele iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) bakhethwe emidlalweni yesifundazwe ebingeledlule eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu. IKZNA izokube imelwe ngabasubathi abawu-54 kulo mqhudelwano.
UNgubene weThemba AC ezinze eMlazi eziqeqesha eMenzi High School uthe ujabule kakhulu ngokubona umsebenzi wakhe uvelela. Uthi kuyiphupho lawo wonke umqeqeshi ukubona umsubathi wakhe emela isifundazwe emidlalweni yezwe kuya phezulu.
Phakathi kwabasubathi abaphuma ngaphansi kukaNgubane kukhona u-Aphiwe Nxasana, uBandile Cele, uSthandiwe Mahlanze,u-Amahle Mthethwa nabanye. Iningi labo liphuma eQhilika High School esesigcemeni sakwa-H eMlazi.
U-Aphiwe ozokube enza i-2000m steeple chase ekhuluma neLANGA uthe: “Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yeqembu lesifundazwe. Isifiso sami ukungena nabokuqala abathathu ebangeni lami ukuze ngikwazi ukubuya nendondo. Ngiyafisa ukuzibona ngolunye usuku ngimelwe iNingizimu Afrika emidlalweni yomhlaba. Inkinga esibheke nayo ukuthi izinto zokujima ziyisoshodela. Uma singathola uxhaso lwezinto zokujima singajabula. Izinto eziningi sizenzelwa umqeqeshi. Kwesinye isikhathi sigcina singayihambelanga eminye imiqhudelwano ngenxa yokuswela kanti nenkundla esiziqeqesha ngaphansi kwayo kayikho esimweni esihle.”
Abanye abasubathi ababhekiwe kulo mqhudelwano ngu-Inganathi Ngubo waseMzimkhulu, uNeo Abrahams waseMgungundlovu ukubala nje abambalwa.

UBAYANDA Walaza okungomunye wabasubathi okubhekwe ukuba enze kahle kulo mqhudelwano. Isithombe:Athletics South Africa
Kulo mqhudelwano kubhekwe uBayanda Walaza osanda kwenza irekhodi lakuleli le-100m no-200m ngokwahlukana, uLythe Pillay onesiliva kuma-Olympic ukubala nje abambalwa.
