UncategorisedUnobhutshuzwayo

UNgwenya ubona uZungu engakulungele ukuhola iSAFA

KUYAPHELA ukuqagela ngokhetho lweSAFA ngoMgqibelo lapho umbanga uphakathi kukaSandile Zungu ongumengameli wamaZulu FC wagijima kwiBetway Premiership obanga isikhundla sokuhola lenhlangano engamele unobhutshuzwayo kuleli noDanny Jordan ongumengameli.

Lesi sikhundla sibhekwe ngabomvu eNingizimu Afrika. UZungu ungenele lolu khetho nje, ukwenza kwakhe Ngwenya ongamele iSafa KwaZulu-Natal uthi uZungu akakulungele ukuhola iSAFA.

IKwaZulu-Natal inezifunda eziwu-11 zeSAFA kodwa eziningi kuthiwa zihamba noDanny. UNgwenya uthi kasikho isidingo sokukhipha uDanny ngoba wenza kahle.

“Kasikho isidingo sokukhipha uDanny ngoba wenza kahle. Kanginanxa noZungu inkinga ulwazi analo ngeSAFA kuncane uma umqhathanisa noDanny osephathe lenhlangano iminyaka futhi namaqembu lesizwe enza kahle kakhulu,” kusho uNgwenya.

UZungu usanda kuthola izibusiso eziphuma kwiSilo uMisizulu esinxenxe zonke izifunda eziwu-11 zaKwaZulu-Natal ukuba ziseke Zungu kanti ngakolunye uhlangothi uZungu ugcwele okukhulu ukuzethamba ukuthi uzonqoba.

Indodakazi kaKaizer Motaung uJessica isanda kuphumela obala ukuthi yeseka uZungu. Sekusele kubantu abavotayo ukuthi bavota kanjani kusasa.