
Uphoxekile uRutendo ehoxa kwiBerlin Marathon
IBUHLUNGU inhliziyo yomsubathi waseZimbabwe uRutendo Nyahora kulandela ukuhoxa kwakhe kwiBerlin Marathon ngeSonto eGermany.
Lo msubathi waseZimbabwe ogijimela iHollywoodbets Athletics Club uthe ubuhlungu ngenxa yokuthi ngeke esakwazi ukugijima iBerlin Marathon ngenxa yokulimala.
Lo msubathi oseke wamela izwe lakhe kuma-Olympic Games utshele abezindaba ukuthi ubuhlungu ngenxa yokuthi ngeke esakwazi ukugijima lo mjaho ngemuva kokusebenza kanzima ezilungiselela lo mjaho.
“Ngithole ukulimala ngo-August. Bengizitshela ukuthi kuzokuba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Ngenxa yokubona ukuthi angilulami ngibe sengihoxa,” kusho uRutendo.
Lo msubathi uke waba sesimweni esifanayo ngo-2023 engakwazi ukuya kulo mjaho ehluleka ukuthola iVisa.
Uthi uye kodokotela abasezingeni eliphezulu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Uthi akubhekile manje ukuzama ukuzelapha bese ebheka ukuthi yimuphi umjaho angase aye kuwona.
Omunye umsubathi ophoxile ehoxa nguKenesisa Bekele omemezele ukuthi ngeke esakwazi ukuba yingxenye yalo mjaho. INingizimu Afrika izokube imelwe nayo kulo mjaho. Omunye umsubathi ozokube ekhona nguJohannes Masetla ozakhele udumo ngokuba umsubathi omdala kunabo bonke ogijima iComrades Marathon.
Lo mjaho ungenelwe ngabasubathi abawu-84 000 kanti bawu-56 000 abazokube benza iMarathon. Nonyaka kubhekwe ingqwele entsha njengoba eyanyakenye uSebastian Sawe ezokube engekho futhi ophethe irekhodi lo mhlaba le-Marathon okuwu-1:59:30 alenze nonyaka kwiLondon Marathon. Elabesifazane ngu-2:09:56 lenziwa nguRuth Chepngetich kwiChicago Marathon ngo-2024.
Esigabeni sabesifazane kubhekwe U-Esther Pfeiffer was eGermany ukuba enze irekhodi kulo mjaho.
