UNGQONGQOSHE wezemidlalo KwaZulu-Natal unesifiso sokubona omunye wemilenze yeTNL ibanjelwa esifundazweni

UNGQONGQOSHE wezemidlalo waKwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula uthi angakujabulela uma eminye yemilenze yeTelkom Netball League (TNL) ingabanjelwa eThekwini. UMhlonishwa ukusho lokhu ngemuva kokuba iKwaZulu-Natal Netball eholwa nguGugu Ngema isingathe ngempumelelo iKZN Premier’s Netball Cup esongwe ngeSonto eVictoria Mxenge Sports Complex eMlazi.
Izingqwele zalo mqhudelwo kube yiNkosi All Stars yaseKing Cetshwayo ehlule iBeach Blitz yaseThekwini ngo-30-35 kowamanqamu.
Abadlali abazokwenza kahle kulo mqhudelwano bazothola ithuba lokungena emaqenjini esifundazwe okuyiKingdom Stars neKingdom Queens azodlala kwiTNL ezoqala maduze.

Lo mqhudelwano ubudlalwa ngabesifazane bodwa kanti kuzokhumbuleka ukuthi lomdlalo uhlanganise nabesilisa. UKhawula ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuklonyeliswa Inkosi All Stars ebe yizingqwele uthe: “Umdlalo uhambe kahle kakhulu kanti nezinga beliphezulu. Sibonga kobo bonke ababambe iqhaza kulo mncintiswano ikakhulukazi iKZN Netball.
Umncintiswano ubuisezingeni eliphezulu nabadlali bebezimisele. Kumanje sinesikwati sabadlali bethu abawu-32 abazosimela kwiTNL ezoqala ngonyaka ozayo kuze kube uMay. Nginethemba lokuthi abaphathi beTNL kunomlenze abazowuletha KwaZulu-Natal ngendlela lo mqhudelwano ohambe kahle ngayo. Empeleni siyiKwaZulu-Natal kawukho umnintiswano esingeke sikwazi ukuwubamba. Ngiyafisa sengathi abadlali bethu abaqokiwe bangenza kahle, mina ngiyabethemba ngendlela abadlala ngokuzimisela ngayo. Ngiyayibongela iKZN Netball ngokuhlela umqhudelwano okuleli zinga. Ngithanda ukubonga kubo bonke abaxhasi abebeyingxenye yalo mqhudelwano.”

Ngeminye yeminyakazo ebikhonjiswa ngabadlali be-Inkosi All Stars ebe izingqwele idudulana neBeach Blitz : ISITHOMBE: Ayanda Shots
UMengameli weKZN Netball uGugu Ngema uthe sekuyisikhathi sokuba kushintshe indlela lo mdlalo obukeka ngayo. Kuzofanele ukhule nawo ube sezingeni eliphezulu abadlali abayingxenye yawo bakwazi ukubeka isinkwa etafuleni. Uthi ukusingatha lo mqhudelwano bebefuna ukuqinisekisa ukuthi bathola ukhilimu wabadlali abaya kwiTNL
