Uncategorised

LIKHULU isasasa ngeComrades sekubhalise abasubathi abawu-13 000 emahoreni amane kuvuliwe.

BANGASE basale ngaphandle abasubathi abaningi kwiComrades Marathon yangonyaka ozayo ezokuba mhla ka-14 kuJune isukela eCity Hall, eThekwini isongwe Mgungundlovu.Umjaho wanonya uzokube ugubha unyaka ka-99 kanti ukuwubhalisela kuvulwe namuhla ngo-10 ekuseni.

Ngesikhathi kwethulwa lo mjaho ngenyanga edlule kwathiwa kuzokwamukelwa kuphela abasubathi abawu-22 000. Kuthe kuphela ihora lesine kuvuliwe ukuwubhalisela kwabe sekubhalise abasubathi abacela ku-13 000 kanti ukuwungenela kuzovalwa ngokuphela kwenyanga noma uma kuhlangana isibalo sabasubathi abawu-22 000.

Ngendlela ezinyuka ngayo izinamba kubonakala kuzovalwa maduze.Umjaho wanonyaka uzokube ugubha unyaka ka-99 kanti kubhewe lukhulu emjahweni wangonyaka ozayo okuzokube kungoka-100 njengoba bebaningi abasubathi abathi bafuna ukuwugijima. Kusaqala ukubhalisa kuke kwaba nezinkinga ezincane ngenxa yokuthi bebebaningi kakhulu abasubathi ababhalisayo ngesikhathi esisodwa, kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi lwabuye lwahamba kahle uhlelo lokubhalisa.

Imali yokubhalisa ngu-R1200 kubasubathi bakuleli kanti bayakwazi ukuyikhokha lemali bayihlukanise kabili. Bakhokhe u-R600 bese beqinisekisa ukuthi le esele bayikhokha ngokuphela kukaFebruary. Abasubathi base-Afrika bangenela lo mjaho ngo-R2000 kuthi abaphesheya kwezilwandle kube ngu-R4500.Ukubhalisa kufanele ungene kwi-website ethi: www.comrades.com.