Uncategorised

Umsubathi waseKenya kuLundi Training Run

BAGCULISEKILE abadidiyeli boLundi uLundi Training Run yebanga lika-60km no-30km okuwumjaho obe ngosuku lukaKhisimusi. Kuqhubeka lo mjaho nje, bekuneTraining Camp ebiqhubeka khona belu oNdini eqale ekuqaleni kwenyanga kanti izosongwa njengoba inyanga iphela.
Lo mjaho ubuhanjelwe ngabasubathi abahlonishwayo eNingizimu Afrika. Phakathi kwabo bekukhona uProdigal Khumalo onezindondo ezilishumi zeComrades Marathon okuhlanganisa namagolide amabili. UKhumalo ungumphathi we-Orcas Academy esekhiqize abasubathi abaningi.
Abanye abasubathi abebeyingxenye yalo mjaho nguMfundo Chagwe waseBulwer ongomfowabo kaThobani oke waphatha isikhathi eside irekhodi leMandela Day Marathon, uJabulani Mnguni ongomunye wabasubathi oke wamele isifundazwe emijahweni eminingi nabanye. Zizobulalana kuLundi Training Run ngoKhisimusi
Abadidiyeli balo mjaho bathi inhloso yabo ukuqoqa intsha ngesikhathi samaholide. Kanti enye injongo yayo enkulu ukusiza abasubathi ukuba bazicijele ukuqala konyaka.

Imfundo Chagwe nabanye babagijimi abebeyingxenye oLundi Training Run. Isithombe: Sithunyelwe.

USfundo Mbuyisa ongomunye wabadidiyeli bale-Training Run neTraining Camp uthe ujabule ngendlela izinto ezihamba ngayo. Uthi okunye okubajabulise kakhulu ukwesekwa ngabasubathi abaphuma ngaphandle kwasoLundi.
“Sijabule kakhulu ngendlela abasubathi abaseseke ngayo. Thina kusukela inyanga iqala besimatasa njengoba sineTraining Camp esiqeda unyaka wesithathu sayisungula. Inhloso yayo ukusiza abasubathi ukuba bahlale bematasa ngesikhathi samaholidi. Okusithokozise kakhulu ngeTraining Camp yethu ukuthi sikwaze ukuthola abasubathi abaphuma ezindaweni eziningi. Kukhona ngisho umsubathi waseKenya ebesinayo. Singabaqeqeshi kuningi esikufunde kuyena. Naye kuningi akufundile. Lo msubathi uthembise ukuthi usazohlala lapha kanti ufuna ukuyogijima iBest of the Best Marathon ezokuba ngoMarch. Siyabonga kubaxhasi bethu ababe nathi ukuqinisekisa ukuthi umjaho wethu uba yimpumelelo,” kusho uMbuyisa ongumqeqeshi.

NguBrian Nyangau Ontieri waseKenya obeyingxenye yomjaho wasoLundi uthathwe noGugu Priji ophakathi wakwa-Avbob okungabaxhasi no Sfundo Mbuyisa ongomunye wabahleli boLundi Training Run. Isithombe: Sithunyelwe.

Omunye wabasubathi obehambele leTraining Camp ophinde waba yingxenye yeTraining Run ngoKhisimusi uMfundo Chagwe
uthe: “Kungisize kakhulu ukuba yingxenye yale Training Camp. Kuningi engikufundile. Lo nyaka ungiphathe kahle. Ngijoyine iHollywood AC ngase ngithola ukulimala. Ngaphazamiseka.
“Manje kubukeka izinto zihamba kahle. Ukuba lapha oLundi kungisize kakhulu. Ngiwubheke kakhulu lo nyaka ozoqala. Ngizokuba yingxenye yeBest of the Best Marathon kanti ikhona neminye imijaho engizobamba iqhaza kuyona. Kuningi engikufunde kubhuti omdala uThobani. Siye sixoxe kakhulu ngokugijima naye ekhaya. Mina engifuna ukukwenza ukwenza ngcono zonke izikhathi zakhe. Nami ngiphathe awami amarekhodi.”