ABAMAZULU bachazekile ithalente kwiNkandla Mayoral Cup

UMQEQESHI wenjejane yamaZulu u-Andile Cele uthi bachazekile beyikilabhu yithalente elikhonjiswe ngabadlali abebeyingxenye yeNkandla Mayoral Cup yokuzilungiselela ama-Salga Games azokuba ngoZibandlela (December) eMgungundlovu. AmaZulu abeyingxenye yamakilabhu abezohlwaya ithalente kulo mqhudelwano obewujanjelwe nawuNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli.
Kulo mqhudelwano bekugaduliswana ebholeni lezinyawo labesifazane nabesilisa, elomqakiswano, iChess nezamankomane.UCele ubehambisana nomunye umqeqeshi woSuthu uPhumelele Bhengu noPhilani Ndlela nabanye.

“Imidlalo iqhubeke kahle kakhulu kanti nethalente esilibonile lihle kodwa kusenokuningi okufanele kulungiswe. Okungijabulisayo ukubona inkundla igcwele. Nginethemba lokuthi bakhona abadlali esizobathatha ngoba ithalente lihle.
“Okubalulekile ukuba abadlali bazimisele kwazi bani mhlawumbe bangazibona bedlala emakilabhini amakhulu. Ngiyacela omasipalala ukuba bagxile kakhulu ko-Under 13 kuya phezulu lokho kuzosisiza kakhulu nathi uma siza emqhudelwaneni efana nalena. Omasipala kufanele bahlale benayo imidlalo efunze lena,”kusho uCele.

Uqhube wathi kuyabathokozisa ukusebenza nomuntu ofana no-Arthur Zwane ngoba uyakholelwa kubantu abasebancane. Uthi lokho kwenza ube lula umsebenzi wabo njengabaqeqeshi bentsha. Uthi bayajabula ukubona abadlali abasuka kwizikhungo ezincane zoSuthu abangaphansi kwazo. Uthi ukubona umdlali ofana noThandanani ‘Obama’ Mhlongo ophuma ezinhlakeni ezincane zoSuthu. Uthi lo mdlali uzokuya kude okubalulekile ukuba afake ikhanda phansi enze umsebenzi. Uphethe ngokuthi angakujabulele ukubona uSuthu luqeda endaweni engcono kulesizini njengoba liqede kunombolo 6 kwedlule.
IMailaka ibe izingqwele zikanobhutshuzwayo yagoduka no-R25 000, Isishomo yahlomula ngo-R15 000 ngokungena isibili kwathi i-Six to Six yathola u-R10 000 ngokungena isithathu. Lemiklomelo ihambisana nejezi, ibhola namamedali.

Inkonisa ibe izingqwele kwabesifazane yagixabezwa ngo-R20 000. IChampions Ladies ibe izingqwele ebholeni lo mqakiswano yazuza u-R20 000 isibili kwaba yiCrisaders (R15 000)m iShooting Stars yalala isithathu yaguduka no-R10 000. IMeya yaseNkandla uNonhlanhla Nzuza ithe inethemba lokuthi bazokwenza kahle midlalweni yeKing Cetshwayo Mayoral Cup.
