Uncategorised

Ingqwele yeDurban City Marathon ithi isazohoxa isikhashana kwiComrades Marathon

UThabang Mathebula nomqeqeshi wakhe ngemuva kokudla umhlanganiso kwiDurban City Marathon. Isithombe: Facebook

IZOTHI khumu okwesikhashana kwiComrades Marathon ingqwele yeDurban City Marathon ebingeSonto isukela eKings Park yaphinde yaphelela khona.
UThabang Mathebula osubathela iSave Orion unqobe ngesikhathi esiwu-2:17 kulo mjaho obugijima ugudle ulwandle kanti ubevikela isicoco sakhe njengoba kube nguye onqobe nyakenye ebeka u-2:19.


Ngokunqoba kwakhe uhlomule ngesamba sika-R15 000 kanti uhluleke ngamamithi amathathu ukukhala emuke ngo-R20 000 ngaphezulu njengoba abadidiyeli bebebeke eceleni isamba sika-R20 000 kumsubathi wesilisa ozoqopha isikhathi esiwu-2:14.
UMathebula ushiye uScelo Mkhwanazi wePhantane Athletics Club ngamakhilomitha amabili njengoba uMkhwanazi engene ngo-2:23.


“Ngijabule kakhulu ngokuvikela isicoco sami. Nyakenye bengingaziwa kanti nonyaka bekunzima njengoba abasubathi abaningi bebebheke mina. Ngihambe noMkhwanazi isikhathi eside ngaze ngamshiya sesidlula ku-30km ngaze ngayoshaya intambo.” kusho UMathebula othe ujabule kakhulu ngokunqoba waphinde wenza ngcono nesikhathi sakhe seMarathon njengoba esuka ku-2:56 manje useno-2:17.

UMathebula ecobolela ngolwazi abasubathi abazokube beqala ukubamba iqhaza kwiComrades Marathon. Isithombe: Facebook.

Nyakenye wanqoba lo mjaho waya kogijima iComrades Marathon lapho enza khona u-6:23 kusukwa eThekwini kubhekwe eMgungundlovu. IComrades Marathon yanonyaka izokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini. Kumanje sekusele izinsuku eziwu-69 ngaphambi kwayo.
“Nonyaka ngeke nglibambe iqhaza kwiComrades Marathon. Ngizoyiziba iminyaka emine noma eyisihlanu. Ngizogxila kuma-Marathon nasemabangeni amafushane ngenhloso yokwenza ngcono isikhathi seMarathon. Ngisaqala ukugijima iMarathon ngenze u-2:56 manje ngino-2:17 okuyinto engijabulisayo.
Iyangichaza indlela u-Elroy Gelant indlela agijima ngayo. Usekhulile kodwa izikhathi azenzayo ziyethusa. Nami ngisafuna ukugxila emabangeni amafushane,” kusho uMathebula.
Kwabesifazane ingqwele kube nguShelly Young owenze isikhathi esiwu-3:04 elandelwa nguLethokukuhle Letsoalo kwathi uNokuthula Ntshangase wathatha indawo yesithathu.

UMathebula emi noDelaine Cools obezothatha izikhathi kubasubathi abaya kwiComrades Marathon. Isithombe. Facebook