Usibheke ngabomvu isicoco seTwo Oceans Marathon uMhlakwana

UNkosikhona Mhlakwana omagange ukwenza kahle kwiTwo Oceans Ultra Marathon. Isithombe: NguNkosikhona Mhlakwana.
UZIBONA esesimweni esihle uNkosikhona ‘Pitbull’ Mhlakwana ngaphambi kweTotalsports Two Oceans Ultra 56km Marathon ezokuba mhla ka-5 ku-April eCape Town. Lo mjaho uzokube uhlanganise ne-21km. UMhlakwana ngeledlule ubeyingxenye yeHarry Gwala 21km athi ubeze kuyona ukuzozihlola ukuthi sinjani isimo sakhe. Ngokusho kwakhe uthi usekwenze konke uselinde usuku lweTwo Oceans. Uthi iHarry Gwala 21km imsize kakhulu kanti nokuncintisana ahlangabezane nakho bekusezingeni eliphezulu futhi kuzomsiza kakhulu uma eseya kwiTwo Oceans.
“Ngesonto elizayo ngiya kwiTwo Oceans Marathon. Kuzokube kungokwesine ngiyingxenye yayo nonyaka. Ngiqale nge-21km ngagijima ama-Ultra amabili kanti kuwona ngingene endaweni yesibili neyesithathu ngokwahlakuna.

IPitbull yayibuyisa amandla nge-32Gi ngemuva kokuziqeqesha kanzima. Isithombe: NguNkosikhona Mhlakwana
“Abantu engisendelene nabo bathi 3-1 kusala unombolo 1 kodwa kangazi kuzokwenzekalani. Ngizobona uma sengifikile khona. Ngiyazi baningi abasubathi esizokube sinabo eCape Town. Yize kunjalo akekho umsubathi engingathi ngiyamesaba. Ngizogijima umjaho wami ngenhloso inhloso yami enkulu ukwenza kangcono kulo mjaho.” kusho lo msubathi osubathela iHollywood Athletics Club yaKwaZulu-Natal. Lo mjaho uzokube usezingeni eliphezulu kakhulu nonyaka kwaziswe ungenelwe ngabasubathi abaningi abanohlonzo abaphuma kuleli nangaphandle kwesifundazwe.

Kuyavalwa ngokuphela kwenyanga ukwamukela imingenelo yeLemo Mangaung Marathon. Isithombe: NguNkosikhona Mhlakwana
Lo msubathi uya eCape Town nje, uyinxusa le-Lemo Mall Mangaung Marathon ezokuba mhla ka-3 kuMay eFree State. Sekungunyaka wesibili lo msubathi eyinxusa lalo mjaho. Uthi ujabule kakhulu ngokuqokwa abe yinxusa.Unxenxa abasubathi ukuba babhalise ngobuningi babo kulo mjaho njengoba kuvalwa ngokuphela kwenyanga ukwamukelwa imingenelo. Lo mjaho uzokube uhlanganise iMarathon, 21km, 10km no-5km kanti abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za.
