Uncategorised

INTULA ABAXHASI eyezokugijima

ULIBONA liqhakazile ikusasa lekilabhu yakhe uThandolwethu Athletics ezokuba imelwe ngabasubathi ababili kwi-Athletics South Africa National Sub Youth Track and Field Championships ezoqala ngoLwesihlanu isongwe ngoMgqibelo eMangaung Stadium, eFree State.

IKwaZulu-Natal Athletics izokube imelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-30 kanti uThandolwethu lumelwe ngababili okuwu-Anele Mngomezulu owenza iWalk no-Esihle Zondo owenza i-800m. Lo mqhudelwano ngowabadlali abaneminyaka ewu-7 kuya ku-15.

 UThandolwethu ikilabhu ezinze ngaphansi kukamasipala iLembe kanti isiyintsha inhloso yawo ukuvundulula amakhono emakhaya.

UCebolenkosi Maphumulo ongusihlalo walekilabhu uthe bajabule kakhulu ngokuqokwa kwabadlali babo ukuba bayomela isifundazwe. 

“Ngijabule kakhulu ukubona abadlali bami beyingxenye esifundazwe. Lokho kusho lukhulu kakhulu kuthi a siyikilabhu nasemphakathi wonke weLembe.

“Ngenyanga edlule bekunemidlalo yeCrosss Country lapho besinabasubathi abaningi abaphuma ekilabhini. Besinethemba lokuthi bazokuba yisihlanu kulo mqhudelwano kodwa sijabule ukuba nalaba ababili. Nginethemba lokuthi bazokwenza kahle.

” Okungiphatha kabi wukuthi sidonsa kanzima ukuthola abaxhasi. Siye sisizwe iLembe Municipality neNdwendwe Local Municipality. Iminekelo yabo kayanele ngoba kwesinye isikhathi kukhona lapho singakwazi ukuya khona sekushoda imali. Ngigcine sengisizwa unkosikazi ngemali yomndeni.

“Njengoba kuqala unyaka besicela noma ubani ongase asisize kwazise kuzofanele sithenge imifaniswano, amalayisensi nokunye okuningi. Inhloso yethu ukwenza iLembe indawo yezemidlalo,” kusho uMaphumulo.

Abafuna usizo bangaxhumana nekilabhu kwi-email ethi: thandolwethuac@gmail.com.