Uncategorised

ITHUBA lokubhejela abagijimi kwiComrades Marathon yanonyaka

ABATHANDI bezokugijima bazothola ithuba lokubhejela abagijimi ababathandayo kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto isukela eMgungundlovu isongwe eMoses Mabhida People’s Park, eThekwini.

Umjaho wanonyaka ngoka-98 kanti ungenelwe ngabasubathi abawu-24 000 kanti bawu-22 000 abakwazile ukwenza izikhathi zokumba iqhaza kulo mjaho. IComrades Marathon Association (CMA) ihlabane ngabaxhasi bakwaWorld Sports Betting abasayine iminyaka emithathu esizokuze siphele ngo-2027 lapho izokube igubha unyaka ka-100. ICMA ithe abasubathi bazothola ithuba lokubhejela abasubathi ababathandayo. Umsubathi oyimfivilithi kwabesifazane nguGerda Steyn kanti kwabesilisa kubhekwe uPiet Wiersma onqobe nyakenye nengqwele yeDown Run uTete Dijana onqobe ngo-2023 wenza nerekhodi u-5:13:58.

USihlalo weCMA uMqondisi uthe bajabule kakhulu ngokusebenzisana nabakwaWorld Sports Betting. Uthi lobu budlelwano buhle kakhulu kanti lenkampani izokubeinetafula layo eWestville lapho kuzokube sekusele u-15km ukuba kufikwe lapho kuphela khona umjaho. Uthi ku-15km indawo ebaluleke kakhulu ukugquguzela abagijimi ukuba babekezele kwazise basuke sebekhathele.

Isikhulu esiphezulu sakwaWorld Sports Betting uRyno Du Plessis uthe kubathokozisa kakhulu ukuba yingxenye yalo mjaho omkhulukazi eNingizimu Afrika. Ukuqinisekisile ukuthi bazokube bekhona ku-15km ukugqugquzela abasubathi ukuba babekezele. Uthi kuningi abazokube benakho ukujabulisa abasubathi emzileni.Abasubathi abafuna ukubhejela abasubathi babo bangangena kwi-website ethi: www.worldsportsbetting.co.za ukuthola wonke amaningwane abasubathi abafuna ukubavotela.