Netball

LIQHAKAZILE IKUSASA LENETBALL EKZN

ULIBONA liqhakazile ikusasa leKwaZulu-Natal Netball uGugu Ngema ongumengameli wesifundazwe kulandela ukuqokwa kwabadlali ababili ukumela izwe kwiSA FAST5 Men World Championhips eqale ngoMgqibelo kuze kube uMsombuluko eNew Zealand. 

IKZN Netball imelwe ngamadlali ababili kulo mqhudelwano okuwuVukile Zulu ongukaputeni weqembu lesizwe noSbongakonke Vava.

Laba badlali baqokwe kulandela ukwenza kahle kwabo kumaSouth Africa National Championhsips abengenyanga edlule eGauteng. 

“SiyiKwaZulu-Natal Netball sijabule kakhulu ngokwenza kahle kwabadlali beqokelwa eqenjini lesizwe. 

“Lokho kusijabulisa kakhulu kwazise kasenzi mali kulo mdlalo sisuku sivolontiya. 

“Ngiyathemba ukuthi bazokuba nomdlalo omuhle lapho beya khona. 

“Okunye okusijabulisayo siyiKZN Netball wukuthi besiqokwe emikhakheni eyisihlanu kukaKZN Sport Awards sabuya namathathu. 

Lokho kusenza siziqhenye kakhulu ngomsebenzi esiwenzayo kulo mdlalo esifundazweni ukuthuthukisa ezemidlalo esifundazweni. 

Lo mdlalo usukhule ngendlela yokuthi usudlalwa kuso sonke isifundazwe kanye nasezikoleni, okufakazelwe wukuthi iKhombindlela Secondary School iqokwe njengesikole esivelele kumaKZN Sport Awards,”kusho uGugu. 

Uqhube wathi kuzokuthi ngokuphela kwenyanga babe nama-awards abo ukuzoklomelisa abadlali, abaqeqeshi ne-empire abenze kahle kulo mdlalo. 

Uphethe ngokunxenxa abaxhasi ukuba bangene kulo mdlalo kwazise uxhaso abaluthola kuhulumeni kalwanele.