Uncategorised

Ulangazelele igolide kwiComrades ojike eya kwiRoyal Am

 INTATHELI YOMNOTHO NEWS

ULANGAZELELE indondo yegolide kwiComrades Marathon yanonyaka u-Ayanda Ngcobo obe sematheni ngo-2023 ezihola phambili kulo mjaho waze waphuma uma esebheke eBotha’s Hill. IComrades Marathon yanonyaka izokuba mhla ka-8 kuJune isukela eCity Hall yaseMgungundlovu isongwe eThekwini. UNgcobo ongowokuzalwa eMsinga ugijima ngemibala yeXcel Running Club kanti uwugijime kahle umjaho wakhe wanyakenye enza isikhathi esiwu-5:53 kubhekwe eMgungundlovu.
Uthi uzoqala izinhlelo zakhe zanonyaka ngaphandle komqeqeshi wakhe uXolani Mabhida othe sebehlukene naye. “Nonyaka ngizoyishintsha kakhulu indlela ebengenza ngayo. Ngizogxila kakhulu emabangeni amade. Imijaho engiyibheke kakhulu yiTwo Oceans neComrades Marathon. Ngizokube sengibona ukuthi yini enye elandelayo. Isifiso sami esikhulu ukuqopha isikhathi esiwu-5:40 kwiComrades, nenginethemba lokuthi sizongifaka kwi-top 10. Okunginika ugqozi kakhulu wukuthi umjaho wanyakenye ngiwugijime kahle kakhulu,” kusho uNgcobo.
Uqhube wathi kuyiqiniso ukuthi bahlukene noMabhida kodwa wangathanda ukwanda ukuthi ngabe yini ebahlukanisile.
“IComrades Marathon sengiyiqonda kahle. Ngo-2023 ngesikhathi ngiphuma eBotha’s Hill inhloso yami kwabe kungukudayisa ikilabhu emphakathini. Lokho ngakwenza ngempumelelo. Yize kwangiqhatha nomndeni. Ekhaya bangisola ngokuthi ngiyeke imali ngavele ngama. Okuhle manje ukuthi sebewuqonda kahle lo mjaho nobunzima bawo.
“Nginethemba lokuthi ngizokuba nomjaho omuhle nonyaka, uma ngingaphazanyiswangwa yilutho,” kubeka uNgcobo.
uqhube wathi wacishe washiya kwezokugijima waqoma ibhola. Uthi wahlangana noSbu Cele ongomunye wabaphathi beXcel eya kumaTrail eRoyal AM. Baxoxa naye wabe esemsayinisa ngaso leso sikhathi. Uthi akabange esaya kwiRoyal AM. 

NGU-AYANDA Ngcobo nomphathi wakhe kwiXcel Running Club uSbu Cele owamsayina eya kuma-trail eRoyal AM. Isithombe: Ayanda Facebook Page