Ezibuhlungu kushona umgijimi kwiCapital City Marathon

IZINDABA ezibuhlungu kwezokugijima KwaZulu-Natal kushona umgijimi obebembe iqhaza kwiCapital City Marathon eqale eCity Hall eMgungundlovu yasongwa eMsunduzi Athletics Stadium. Lo mjaho ubuyi-42km, 21km, 10km no-5km ubuhle Lee yiPhuma Athletics Club
Izindaba zokudlula emhlabeni komgijimi kulo mjaho ziqinisekiswe ngomunywe wabahleli balo mjaho kwabezindaba uSteve Mkasi ekhuluma kwi-The Watch: We Are the Champions
Siyazwelana nomndeni, abangani nozakwabo abegijima nabo
Bathe sebelalazi igama lakhe kodwa okwamanje ngeke bakwazi ukudalula imininingwane yakhe bengakawazisi umndeni kuthiwa ugijimela iNedbank Running Club.
Abanye bathi lo msubathi ube nenkinga kusanda kusuka umjaho waquleka. Bathi bamthathile bambeka eceleni komgwaqo nokuthe uma kufika abosizo lokuqala wahlonzwa njengomuntu oseshonile.
