Uncategorised

ZIZOQALA ukubonakala kwiBest of the Best izilomo zeNedbank esezikuHollywood AC

IZILOMO zabasubathi uTete Dijana no-Edward Mothibi ‘ezilaxaze’ iNedbank Running Club zivumbuke kwiHollywood Athletics Club okiyinto ethuse abantu abaningi. Laba basubathi abayizingqwele zeComrades Marathon ngokwehlukana bamenyezelwe ngokusemthethweni iHollywood AC ngoLwesine emini kanti ukwethulwa kwabo bebehambisana nabanye abasubathi abasha be-purple team.

UTete unezicoco ezintathu zeComrades Marathon futhi uphethe irekhodi le-Down Run lalo mjaho okuwu-5:13:58. Okuhlukile ngoTete ukuthi akakaze ayinqobe iComrades Marathon. IComrades yanonyaka izokuba ngomhla ka-14 isukela eThekwini isongwe eMgungundlovu. UMothibi ube yingqwele ye-Up Run ngo-2019.

“Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yeHollywood AC. Ingenye yamakilabhu engiwahloniphayo. Sesiside isikhathi besifuna. Maningi amanye amakilabhu abesifuna okuyiMaxed Elite neMpala. Sikhethe iHollywood AC ngoba sifuna ukukhula.

“Kasihanjiswanga imali kwiNedbank. Sihambe ngoba sesifuna ukukhula. Kasihanjiswanga imali njengoba kuke kwavela imibiko efana nalena. Okusijabulisayo wukuthi iHollywood AC ithe ayisifakeli ngcindezi,” kusho uDijana.

IHollywood AC ayikaze iyinqobe iComrades Marathon esigabeni sabesilisa futhi ayikaze ingene nabokuqala abayisihlanu kulo mjaho.UMothibi uthi yize benganikwanga ngcindezi kulo mjaho kodwa abakufunayo ukuhlomula ngegolide ngokwehlukana kulo mjaho omkhulukazi e-Afrika.

Laba basubathi batshele abezindaba zokuthi ngomhlaka 1 kuMarch bazokube beyingxenye yeBest of the Best Marathon okungeminye yemijaho ekhula ngesikhulu isivinini kuleli. Lo mjaho abeza kuwona uBongumusa Mthembu naye onezicoco ezintathu kulo mjaho uyinxusa lawo.

UManfred Seilder oyimenenja yabagijimi uthi akubanga into elula ukuthola laba basubathi abazakhele amagama abo kwezokugijima kwiComrades Marathon.

UMthoko Khuzwayo uthe ujabule ukuzwa ukuthi lezi zingqwele zeComrades Marathon zizokuba yingxenye yomjaho wakhe iBest of the Best. Uthi kusho lukhulu kuyena lokho.IBest of the Best izokuba nomzila omusha ngonyaka ozayo njengoba uzosukela eKings Park uyojika eMhlanga.