Uncategorised

Useyifake kubammeli iNSA uCecilia Molokwane

INETBALL South Africa (NSA) ithi ngamampunge ukuthi loyo obengumengameli wayo uCecilia Molokwane usebuyele esikhundleni sakhe. UCecilia umiswe iWorld Netball ekuqalnei konyaka kanti ngesikhathi ikhipha isitatimende sokumiswa kwakhe kayichazanga ukuthi umiselweni futhi uzokuma isikhathi esingakanani.

Kamuva kuvele ukuthi ubesolwa ngokuphatha budlabha imali yale nhlangano. Kuthiwa kunabasebenzi abebahlukumeza ngokusho kombiko weWorld Netball nokunye okuningi. Kuthiwa usolwa nangokuphatha budlabha imali yeNSA. Kuthe ngoLwesine olwedlule lesi sikhulu uCecilia wabiza abezindaba ebazisa ukuthi useyabuyela emsebenzini sakhe wokuhola iNSA njengoba lenhlangano izokuba nokhetho Ngempelasonto.

INSA ikhiphe isitatiminde esiphikisanayo nokubuya kukaCecilia, INSA ithi: “Isithangami sabezindaba ebesibizwe nguCecilia kayisazi. Ithi ngolwazi enalo uCecilia usamisiwe ngokombiko abawuthola uphuma kwiWorld Netball. kayikho ncwadi esiyitholile ethi uCecilia usengaqhubeka nokuhola lenhlangano. Sicela ukwazisa abadlali abaqeqeshi nabo bonke abayingxenye yeNSA ukuthi uCecilia akakabuyeli esikhundleni sakhe. Izintambo zisabanjwe ngumami Diale kuze kulunge udaba lukamengameli.

” Ngemuva kokumiswa kukaCecilia kwavela izindaba ezimbi zokungaphathwa kahle kwemali yilenhlangano ngesikhathi ivelel ephalamende. Kuningi okungalungile okavelayo kanti nabaphethe bahluleke ukuchaza ukuthi bayisebenzisa kanjani imali.UCecilia uzibuyisa nje, seluseduze ukhetho lwale nhlangano kanti uma kukhethwa engekho sekungasho ukusala kwakhe ngaphandle unomphela.

UCecilia kuthiwa lolu daba useludlukisele kubammeli bakhe lokuba abuyiselwe esikhundleni sakhe njengoba kubhekwe okhethweni. Uthi usafuna ukuhola lenhlangano ihlandla lesithathu.