Ezixubile

Usezuze amatekisi amathathu ngehhashi lakhe uMbayimbayi

UYAZIQHENYA ngehhashi lakhe uMbayimbayi uZudu Gamede waseMondlo eVryheid athe selimenzela enhle imali. UMbayimbayi uzokube eyingxenye yeDundee July yanonyaka ezokuba ngoMgqibelo eDundee.
UGamede ongomunye wabanikazi bamahhashi ahlonishwayo esifundazweni uthi uzokube ebagadulisa ngamahhashi awu-5 kwiDundee July.
Umjaho wanonyaka kuzokube kungoka-21. Lo mjaho waqalwa ngabantu bezenzela bebodwa. Usaqala abanqobile bebzitholela izingubo zokulala kwaya sanyuka isiteki saze safika ku-R20 000.

Nonyaka ingqwele izogoduka nesamba sika-R400 000 emjahweni omkhulu kulandela ukungena komnyango wezemidlalo wesifundazwe.
Ngesikhathi kwethulwa lo mjaho emasontweni amabili edlule uNgqongqoshe woMnyango uMntomuhle Khawula watshela abazindaba ukuthi umjaho wanonyaka uzokube uphethe isiteki sika-R3million.
UGamede waseMondlo eVryheid uthe uzokube egabe ngehhashi lakhe uMbayimbayi kwi-main race. Ngaphandle kwakhe akhona namanye amahhashi azokube eyingxenye yalo mjaho okuwuHulumeni, uMlomo, Ukukhuluma noCarvela.

“Ngithanda ukubonga kakhulu uMnyango wezemidlalo ngokuba yingxenye yalo mjaho. Uzishintshe kakhulu izimpilo zethu. Mina nginehhashi lami uMbayimbayi engimthembayo. Selingenzele okuningi. Ngalo ngithenge itekisi, ama-22 seat amabili. NgoMgqibelo nginethemba lokuthi lizongijabulisa njengenhlalayenze. “Lizokube ligitshelwe ngumfana wami uMelusi oseke wanqoba iDundee July ngalo. Umjaho wanonyaka uzokube unzima kakhulu njengoba emaningi amahhashi abheke isicoco somjaho omkhulu. Njengomnikazi wehhashi sengikwenze konke sengilinde usuku lo mjaho ukubona ukuthi lingiophatheleni. Lo mdlalo uyishintshe kakhulu impilo yethu singabanikazi bamahhashi. Kuyabiza ukunakekela lezi zilwane. Ukuze enze kahle kufanele uwanike uthando nawo azokujabulisa,” kusho uGamede.

Uphethe ngokuthi ubuhlungu emoyeni njengoba kunemibiko engakaqinisekiswa ethi ingase ingabi khona iKing Cetshwayo Traditional Horse Racing elandela iDundee. Uthi nakuyo benze enhle imali.