Uncategorised

UFUNA ukuqhubeka nomgqiqo wakhe kwi-Absa Durban 10k uBathobile Mkhize

UBATHOBILE Mkhize weXcel Running Club ezihola phambili kwiSpar Durban 10km. Izithombe: Rogan Ward.

USEBHEKE i-Absa Durban 10k uBathobile Mkhize waseCato Ridge ongene unombolo 10 kwiSpar Durban 10km ngeSonto eqopha isikhathi esiwu-34:57 okuyi-Personal Best (PB) yakhe kwi-10km. UBathobile osubathela iXcel Running Club ube no mjaho omuhle ngeSonto ezihola phambili kwaze kafikwa ku-3km. Sekungumlando manje ukuthi ingqwele yalo mjaho kube nguGlenrose Xaba osubathela iBoxer obeqala ukunqoba lomjaho njengoba njalo ubehlale engena nabokuqala abathathu kuwona.

UTayla Kavanagh weHollywood Athletics Club noBathobile abangene nabokuqala abalishumi.

Indawo yesibili ithathwe nguDiniya Abaraya (32:09) kwathu uSelam Gebre wangena unombolo 3 bobabili ngabse-Ethiopia. Lo mjaho iSpar uyingxenye yeSpar Grand Prix lapho umsubathi owenze kahle ethola amaphuzu awu-20 kwehle njalo kuze kufike kunombolo 20 othola iphuzu elilodwa. Umsubathi oqeda enamaphuzu amaningi kunabanye uhlomula ngesamba sika-R33 000.

UGLENROSE Xaba obeqala ukudla umhlanaganiso kwiSpar Durban 10km. Isithombe. Rogan Ward

UBathobile uthe: “Ngijabule kakhulu ngokwenza iPB kulo mjaho. Besekuyiskhathi sokuba ngiyenza. Umjaho usaqala bengihamba phambili. Inhloso yami bekuwukwenza u-3:20 ngekhilomitha ngize ngiqede ukugijima, okuyinto engiyenze ngempumelelo. “Bengingahambeli iTV phambili. Ngiyacabanga labo ebengihamba nabo bebesabana noma bezongena u-5km wokugcina. Bengigijima umjaho wami ngendlela ebengihlele ngayo.

Ukungena kwi-top 10 kungithokozise kakhulu. Esengikubhekile manje ukwenza kangcono isikhathi sami se-10km kwi-Absa Durban 10k ngenyanga ezayo. Ngendlela engiziqeqesha ngayo nginethemba lokuthi ngizokwazi ukusenza.” Lo msubathi uqhube wathi isikhathi esiningi uziqeqesha yedwa eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu kanti phambili ubeziqeqesha neqembu labasubathi baseNewcastle kusukela nyakenye, ngenxa yomsebenzi useziqeqesha yedwa kodwa usebenzisa uhlelo abelusebenzisa nabasubathi baseNewcastle.

ITOP 3 yeSpar Durban 10km uGlenrose onqobile elandelwa nguDiniya Abaraya kwathi uSelam Gebre waba ngunombolo 3. Isithombe. Rogan Ward.

UBathobile ube ngumsubathi wesibili waKwaZulu-Natal ongene nabokuqala abalishumi kulo mjaho, omunye kube nguTayla Kavanagh weHollywood Athletics ongene endaweni yesine. UGlenrose uthe ujabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho. Naye uthi umjaho asewubheke kakhulu yi-Absa Durban 10k. Uthi ujabule ngokunqoba lo mjaho kwazise phambilini ubehlala engena nabokuqala abathathu.Uthi unethemba lokuthi uzoqhubeka enze kahle eThekwini kanti akulangazelele kakhulu ukuzama ukwenza isikhathi sokuya kumaWorld Athletics Championships azokuba ngoSeptember eJapan.