Uvule ngewini ekilabhini yakhe entsha uGerda Steyn

UVULE ngewini ekilabhini yakhe entsha uGerda Steyn edla umhlanganiso kwiPirates Half Marathon ngeSonto eGauteng. Lo msubathi osanda kujoyina iHollywood Athletics Club esuka kwiPhantane Athletics Club wenze u-1:18:20 kulo mjaho evule igebe lika-2 khilomitha kuzakwabo uRutendo
Nyahora waseZimbabwe ongene ngo-1:24:36. Elandelwa nguMathakane Letsie waseLesotho osubathela iMaxed Elite Nonyaka kubhekwe lukhulu kuGerda njengoba wakubeka kwacaca ngesikhathi ejoyina iHollywood AC ukuthi imijaho ayibhekile nonyaka yiTwo Oceans neComrades Marathon okunguyena ingqwele yayo yomibili. UGerda uvikele isithunzi sabasubathi baseNingizimu Afrika njengoba kuvalwe ngehlahla. Umjaho uthathwe nguTsepo Ramashole waseLesotho elandelwa nguzakwabo uKhoarahlane Seutloali bobabili beHollywood AC kwathi eLebenya Nkoka weMaxed Elite wathatha indawo yesithathu. Bobathathu ngabaseLesotho.
Emijahweni emikhulu yanonyaka kubhekwe ukuba uGerda aqhubeke nokukhonya kanti nonyaka uzokube ehambisana nozakwabo abaningi abaphuma kwiHollywood AC. Phakathi kwabo kukhona u-Irvette van Zyl ozokube eqala ukugijima iComrades Marathon nonyaka. ULoveness Madziva ongene unombolo 13 kwiComrades yakhe yokuqala nyakenye eqala ukuyigijima, uMelinda Jansen Van Vuuren ongene nabokuqala abawu-10 kwiComrades nyakenye.

Lo mjaho ubungenelwe ngabasubathi abaningi bamabanga amade (Ultra) njengoba u-Onalenna Khonkhobe weNedbank Running Club oyingqwele ye-African Bank Soweto Marathon kanjalo neTotalsports Two Oceans Ultra Marathon, uBongumusa Mthembu ukubala nje abambalwa. UMthembu ogcine engene unombolo 13 ngo-1:15:58 ubeyinxusa lalo mjaho okungeminye enedumela eNingizimu Afrika.
“Ngijabule ngokuba khona kwabantu abakholelwa kumina. Ukuqokwa ngibe yinxusa lalo mjaho kungijabulisa ukubona ukuthi kusenabantu abakholelwa kumina. Ngeledlule ngiphinde ngaqokwa ukuba yinxusa leBest of the Best Marathon. Nakhona ngizokube ngikhona ngizogijima. Ngizofika nabo bonke abasubathi engiziqeqesha nabo ukuzohlonipha labantu abangiqokile ukuba ngibe yinxusa labo,” kusho uMthembu othe uyibheke ngabomvu iComrades yanonyaka.
