WENZE kangcono kunabekulindele u-Irvette kwiComrades

UMGIJIMI wakuleli wamabanga amade u-Irvette van Zyl uthi ujabule ngokungena endaweni yesine kwiComrades Marathon yanonyaka ebingeSonto isukela eMgungundlovu yasongwa eThekwini.
Umjaho wanonyaka uthathwe nguGerda Steyn noTete Dijana abebevikela izicoco zabo njengoba kube yibo abanqobe ngo-2023 kwehliwa.
U-Irette ozakhele igama emabangeni amafushane uthi ujabule kakhulu ngokungena endaweni yesine ngesikhathi esiwu-6:11:35. Kuqopheke umlando kulo mjaho umsubathi waseKenya uShelmisth Muriuki ebeka izwe lakhe ebalazweni ngokuba ngumsubathi wokuqala ukungena nabokuqala abalishumi kulo mjaho engena unombolo 3.

U3-Irvette uthe ujabule kakhulu ngokungena endaweni yesine.
“Ngijabule kakhulu ngokungena endaweni yesine kwiComrades Marathon. Isifiso sami bekuwukungena kunombolo 6. Umjaho usaqala bengwsaba ngoba bekumnyama. Kuthe uma sesinyuka e-Ashburton besekungcono sekukukhana. Yilapho ngihlangane khona nomyeni wami uLJ van Zyl obengiphathele iziphuzo zami.
“IComrades Marathon inzina kodwa ngijabule ngokugijima ngize ngiyiqede. Ukwesekwa okusemgwaqweni kuyamangalisa,” kusho u-Irvett osubathela iHollywood Athletics Club.

Ngokungena kwakhe endaweni yesine u-Irvette uhlabane no-R158 000 kanti uTete noGerda bahlomule ngo-R874 000 okuhlanganisa namabhobasi okubenza bathole imali engaphezulu kwesigidi ngokuhlukana kobulili.
Kusenjalo, uBongumusa Mthembu noJenet Mbhele bahlomulele isifundazwe indondo yegolide ngokuhlukana kobulili. Babe ngabokuqala besifundazwe bahlomula ngo-R60 000 ophuma kuMnyango wezemidlalo wesifundazwe oholwa nguMntomuhle Khawula.
UJenet ungene unombolo 7 uthole u-R62 000 kwathi uBongumusa Mthembu wathola u-R54 000 ngokungena unombolo 8 kulo mjaho obugubha unyaka ka-98 wasungulwa kanti ubungenelwe ngabasubathi abawu-22 000.

Kulo mjaho wanonyka kujabulise abaningi ukubona uLouis Massyn eba ngumsubathi wokuqala obeqeda lo mjaho okwesi-50. Uthi uqale ukugijima lo mjaho ngo-1973. Omunye umunye oqophe umlando nonyaka kube nguJohannes Mosehla (83) obe ngumsubathi omdala kunabo bonke ukuqeda lo mjaho. Uqale ukugijima eneminyaka ewu-63. Uthi uzoyiyeka iComrades Marathon ngo-2030.
