Uncategorised

Ifuna ukwenza kahle kwabesifazane emabangeni amade iHollywood AC

IBUKEKA izimisele kakhulu nonyaka iHollywood Athletics Club esanda kusayinisa uGerda Steyn oyingqwele yeComrades Marathon, iTwo Oceans ne-Om Die Dam Marathon ngokwehlukana.
Ngesikhathi lekilabhu imemezela ngokusemthethweni uGerda ukuthi usangaphansi kwabo abaphathi bayo babejabule kakhulu ngokuthola uGerda ogila izimanga emabangeni amade kuleli.


UGerda wakubeka kwacaca ukuthi ulangazelele ukuvikela ngempumelelo isicoco sakhe seComrades kanjalo neTwo Oceans.
Kwenzeka lokhu nje, omunye umsubathi oyintandokazi kuleli u-Irvette van Zyl usanda kumemezela ukuthi uzokube egijima iComrades Marathon yakhe yokuqala nonyaka. Izindaba zika-Irvette zokuthi uzokube egijima iComrades ziqinisekiswe imenenja yalekilabhu uManfred Seidler.

IHollywood AC kubhekwe ukuba yenze kahle emijahweni emikhulu yakuleli ikakhulukazi kwabesifazana lapho kubhekwe khona uGerda, u-Irvette, uLoveness Madziva owenze kahle kakhulu engena nabokuqala abathathu kwiTwo Oceans Marathon, uCarla Molinaro ongene endaweni yesine nonyaka kwiComrades.
Laba basubathi basefomini enhle kakhulu kanti bonke basethubeni lokungena nabokuqala abalishumi kuyo yomibili le mijaho.
Ngokusho kukaSeidler, u-Irvette usilangazelele ngabomvu isicoco seTwo Oceans acabanga ukuthi sizomsiza ukwenza kahle kwiComrades yakhe yokuqala.


ULoveness osenqobe imijaho eminingi kuleli, ungene unombolo 3 kwiTwo Oceans wabuya wangena unombolo 13 kwiComrades yakhe yokuqala nyakenye. Nonyaka makhulu amathemba okuthi angenza kangcono kuyo iComrades. IComrades Marathon yanonyaka izokuba mhla ka-8 kuNhlangulana (June) isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.

U-Irvette van Zyl enza adume ngazo kweminye yenijaho.