Uncategorised

IBUYELA EREINGINI EKAMAHLANGU NOHEM

IPHINDELA eringini impi kaBongani Mahlangu noSiyabulela Hem kulandela ukunganeliseki kukaMahlangu empini ebingoSeptember ngemuva kokuba womathathu amajaji athi wehlulwe ngamaphuzu. 

Imenenja kaBongani uSandile Mahlangu yafaka isimangalo yakhokha u-R2000 kwi-sanctioning Committe ekhala ngomphumela walempi. 

Leli komidi selinqume ukuba le mpi iphinde okuyinto ethokozise kakhulu uSandile

“Saijabule kakhulu ukuthi lempi izophinda ngenxa yokunganeliseki ngesinqumo sabe sesilidlulisela phambili lolu daba ngoba besikholwa ukuthi uBongano wanqoba. 

“Sijabule kakhulu uma sizwa ukuthi isicelo sethu samukeliwe. 

“Ibisihlukumeza le nto yokuthi sihlulwe kube kwacacela wonke umuntu ukuthi sasebenza ngokuzikhandla eringini ukuze sinqobe ngamaphuzu. 

“Sesilinde ukuba sinikwe usuku lwempi kanye nendawo bese siyolanda okungokwethu,” kusho uSandile egcwele ukuzethemba.

Lempi kuthiwa kungenzeka ukuba ibe se-East London kwazise kuzobe kugcwele abalandeli bakaBongani baseDuncan Village ngosuku lwempi. 

UTsholofelo Lejaka weBoxing SA ukuqinisekisile ukuthi impi iyabuya.