Uncategorised

Uyogijima phesheya umsubathi WaKwaZulu-Natal

ULOBIZELA ukwenza kahle isikhathi sakhe seMarathon uBanele Mabizela waseMpendle osubathela iBlack Diamond oyogijima iXiamen Marathon ezokuba ngenyanga ezayo eChina.
Lo msubathi osubathela iBlack Diamond usanda kuhlabana ngemiklomelo emqoka emcimbini wokuklomelisa abasubathi balekilabhu abenze. Lo mcimbi ubuseThekwini. UBanele odume ngelikaNdoni uqeqeshwa nguWillie Mtolo, uhlomule ngomklomelo wokuba umsubathi ovelele wekilabhu ku-42km kanye nowokuqeda nabasubathi bokuqala abathathu kulo leli banga. Uphinde wahlomula ngomklomelo wokuba umsubathi owenza kahle emabangeni akhe (42.2km). Kwabe ngoweSpecial Awards ngokuba ngumsubathi obhizi ezinkundleni zokuxhumana emaketha ikilabhu neminye.

UBanele uwuqale kahle unyaka ehlomula ngendondo yethusi kwiSouth Africa National Track & Field Championships ebiseMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu enza i-10 000m ebeka u-39:35.
Uphinde wenza ngcono isikhathi sakhe se-10km eqopha u-37:14 kwi-Absa Run Your City Durban. Usanda kuqopha u-2:49:39 kwiSanlam Cape Town Marathon engena unombolo 16. Uye kulo mjaho enesikhathi esiwu-2:53:07 kwiMarathon.
UBanele uthe ujabule kakhulu ngakwenzelwa ikilabhu yakhe. Uthi uthanda ukubonga umqeqeqshi wakhe uWillie Mtolo ngokumnika amacebo amsizile.
“Ngijabule kakhulu ukuthi ngizokuya kogijima umjaho wami wokuqala phesheya kwezilwandle. Ngibonga kakhulu kwiBlack Diamond nakwi-Ibhele Nabangani ngokunginakekela.
“Ngenyanga ezayo ngiya kogijima iXiamen Marathon. Ngijabule kakhulu. Kumanje ngino-2:49:39 kwiMarathon. Isifiso sami esikhulu wukuba ngibuye nesikhathi esingaphansi kuka-2:40:00. Lokho kuzongithokozisa kakhulu. Ngike ngawubuka umzila engizogijima kuwona. Ubukeka uwumzila omuhle ongenazo izintaba. Nginethemba lokuthi lokho engikwenze nonyaka kokwenza ama-Personal Best (PB) ngizokwazi ukuqhubeka nakho nangonyaka ozayo,” kusho uBanale obechichima injabulo.

UBanele nomqeqeshi wakhe uMtolo bekhombisa ngezindondo azinqobile.