Uncategorised

UMQEQESHI waseNanda ugile izimanga ebuya nezindondo ezintathu emidlalweni yeTrack and Field eNorth West

Ngabasubathi bakaSihle Shange waseNanda ongowesibili ukusuka kwesobunxela ababuye nezindondo ePotchefstroom uKwazi Mgobhozi (800m, uSlindile Hlatshwayo (4x400m) noPhilasande Mlambo. Isithombe: Sithunyelwe.

INJABULO kuKwazi Mgobhozi ehlabana ngendondo yokuqala emidlalweni ye-Athletics South Africa (ASA) Senior Track & Field Championships ebingempelasonto ePotchefstroom, eNorth West. UMgobhozi uhlomulele iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) indondo yethusi kwi-800m enqontshwe nguTsepo Tshite naye ophuma eKZNA oqophe isikhathi esiwu-1:46:84 ebekwe ezithendeni nguSimon Mohlosi owenze u-1:47:49 kwathi uMgobhozi oqeqeshwa nguSihle Shange waseNanda wabeka u-1:47:69 wahlomula ngendondo yethusi.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola indondo yami yokuqala emidlalweni yezwe. Isho lukhulu empilweni yami. Ngijabule futhi nokwenza isikhathi esiwu-1:47 ebengivele ngifisa ukusenza. Kufana nephupho kimina ngoba bengilangazelele ukungena nabokuqala abayisihlanu kowamanqamu. Ngavele ngabuya nendondo. Ngibonga kakhulu kumqeqeshi wami uSihle.

IQEMBU laKwaZulu-Natal labesifazane elifake umbala oluhlaza nomnyama elizuze indondo eyethusi kwi-4x400m. Isithombe: Sithunyelwe.

“Njengoba isizini yeTrack iphela kumina ngenxa yokuthi ngeke ngikwazi ukugijima ngaphandle kwelakuleli, ngizogxila kumaCross Country ngenze namaMile ukuzigcina ngiqatha kuze kuqale isizini ye-track,” kusho uMgobhozi oziqeqesha eKings Park Athletics Stadium.Lo msubathi uqhube wathi uzosebenza kanzima ngoba isifiso sakhe esikhulu ukungena eqenjini lesizwe eliya kumaCommonwealth games ngonyaka ozayo eGlasgow, eScotland okanye kuma-African Games.

USLINDILE ekhombisa ngendondo yakhe yethusi abuye nayo eNorth West. Isithombe: Sithunyelwe.

“Isimo sinzima okunye engikubheke kakhulu wukuthola umsebenzi ukuze impilo yami ibe lula ngoba kunzima kulo mdlalo uma ungenabo abaxhasi. Izinto eziningi ngizithola kumqeqeshi wami. Okunye engikubheke kakhulu ukuthola umsebenzi ukuze ngikwazi ukuthola ezinye zezinto engizidingayo. Bengifunda eThekwini Coastal College ngenza iziqu zeTransport and Logistic engikufunayo manje ukuthola umsebenzi,” kuphetha uMgobhozi.

Omunye umsubathi kaShange ohlomulele isifundazwe indondo kube nguPhilasande Mlambo onaye othole ithusi kwi-20km walk okube yindondo yokuqala yesifundazwe kanye noSlindile Hlatshwayo naye ohlomule ngethusi kwi-4x400m.

INGQWELE yaseNingizimu Afrika ye-400m uZakithi Nene. Isithombe: Sithunyelwe.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola indondo kulo mqhudelwano. Indondo yami yokuqala ngimele isifundazwe. Ngibe nenhlanhla ngafakwa eqenjini le-4x400m ngemizuzu yokugcina kanti ukungena kwami kuzongilethela amathamsanqa. Benginovalo kwazise bengiqala ukugijima i-relay.

Nokuthi ibanjwa kanjani ngikufunde khona enkundleni,” kusho uSlindile. IKZNA ihlomule ngezindondo eziwu-6 kulo mqhudelwano okungamagolide amabili atholwe uPrudence Sekgodiso kwi-800m. USekgodiso wenze isikhathi esimnika ithikithi lokumela izwe kumaWorld Athletics Championships azokuba ngoSeptember eJapan.

UBEBAGADULISA kanje uPrudence Sekgodiso kwi-800m eyokweqa playing,ubuye negolide lesifundazwe kwi-800m nakwi-1500m. Isithombe. Sithunyelwe.

UTsepo uthola igilide kwi-800m. UZakithi Nene uhlomulele isifundazwe indondo kwi-400m ebeka u-44:22 okuyisikhathi sesibili esisheshayo kuleli. Uphinde wahlomula ngegolide kwi-4x400m okuyinto iKZNA okuneminyaka yagcina ukuyithola.