USIBHEKE ngabomvu isicoco seComrades kubhekwe eMgungundlovu uTete

INGQWELE yeComrades Marathon yanonyaka uTete Dijana uthi usishayela ihlombe isenzo seComrades Marathon Association (CMA) sokwenyusa imiklomelo yomjaho yanonyaka isuka ku-R875 000 iya ku-R925 000 kwizingqwele.
UDijana osubathela iNedbank Running Club ubeyingxenye yokwethulwa komjaho wanonyaka obekuseMgungundlovu ngoLwesithathu ekuseni.
“Ukwenyuswa komklomelo womjaho wangonyaka ozayo kungijabulise kakhulu. Mina ngiyiComrades Marathon. Yonke into enginayo ngiyizuze kulo mjaho. Nginemoto, umuzi nokunye ngenxa yeComrades Marathon. Uma ungimema uyangikhokhela ngenxa yawo lo mjaho. Ngiwubheke ngabomvu umjaho wangonyaka ozayo.
Ngizimisele ngalendlela yokuthi ngifuna kube yi-Up Run yami yokuqaqala ukuyinqoba.
“Emjahweni wango-2024 kwenyukwa ngibe nezinkinga eziningi. Ngisola ukuthi kukhona into eyafakwa kwisiphuzo sami. Lokho okwadala ukuthi ngithwale kanzima. Ikakhulukazi lonke ithimba engiziqeqesha nalo laba nenkinga ngo-2024. Yingakho nonyaka ngilande abantu bami ukuba kube yibo abangisizayo, nokuyikhona okungisizile ngigcina ngikwazi ukunqoba lo mjaho,” kusho uDijana onezicoco ezintathu zeComrades Marathon uma kwehliwa.
UMartin Ngqwenya oyimenenja yeMaxed Elite naye obeyingxenye yokwethulwa kwalo mjaho uthe: ” Ngijabule kakhulu ngokwenyuswa kwemiklomelo yalo mjaho. Ngiyacabanga ukuthi nabasubathi bazokuthokozela kakhulu. Njengoba usumenyezeliwe umjaho wangonyaka ozayo kuzofanele ziqale izinhlelo zokuwulungiselela kubasubathi nakithi zimenenja.”
