Babuye nesiliva abasubathi baKwaZulu-Natal kumaSA Marathon Champs

BABUYE nendondo yesiliva abasubathi baKwaZulu-Natal kwiSouth Africa National Marathon ngeSonto eKapa. IKwaZulu-Natal Athletics ibuye nendondo yesiliva kulo mqhudelwano we-Athletics South Africa (ASA).
Ingqwele kwabesilisa kube nguBennet Seloyi weGauteng Athletics Club oshaye intambo enza 2:20:12 emiswa kabi ngumsubathi waseKZNA uSinethemba Ntshangase obeqala ukumela isifundazwe owenze u-2:20:25 kulo mjaho lapho abasubathi bekhale kakhulu ngomoya. Ngaphambi kokuba kuqale lo mjaho i-ASA ibinethemba lokuthi abasubathi bazokwenza izikhathi ezingcono kunalezi ezinziwe kulo mjaho. Abasubathi abatholele iKZNA indondoyesiliva kube nguTshangase, uSphamandla Nkosi, uLindelwa Mjwara noMakwande Mngcwengi. Esigabeni sabesifazane umhlanganiso udliwe nguJenna Challenor kanti uMakhosi Mhlongo weHollywood Athletics Club obezimisele ukwenza isikhathi esingaphansi kuka-3:00 kulo mjaho ungene unombolo 8 eqopha u-3:06:31. UTshangase ozoqeqesha eMgungundlovu ngaphansi kukaMthandeni Nene uthe ujabule kakhulu ngokubuya nendondo kulo mqhudelwano.
“Bekuyisifiso sami ukubuya nendondo yegolide kulo mjaho kodwa ngijabule ngokungena endaweni yesibili. Kuyangicacela ukuthi bekungelona usuku lwami. Nginethemba lokuthi isikhathi sami siyeza.

“Umjaho ubunzima. Siphazanyiswe kakhulu umoya. Ukube ubungekho umoya bengizokwenza isikhathi esingcono kakhulu kulo mjaho. Ukugqoka imibala yesifundazwe kungijabulise kakhulu kwazise bengiqala ukuba seqenjini leMarathon. Ngaqokwa nyakenye ngagcina ngingakwazanga ukuhamba ngenxa yokulimala,” kushu uTshangase osanda kwenza u-2:16 kwidrakensberg Marathon ekupheleni konyaka. Lo msubathi uqhube wathi akakazi ukuthi yimuphi umjaho azokuya kuwona.
Usazohlala phansi nomqeqshi wakhe uNene babheke ukuthi yimuphi abazowugijima. uqhube wathi uyibheke ngabomvu iComrades Marathon yanonyaka ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini. Nyakenye lo msubathi uqophe u-6:29 eqala ukuyigijima. Uthi kunzima ukusho ukuthi uzokwenza kanjani ngoba uzokube eqala ukugijima iDown Run.

