Ukhuza ibuya kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSello Mokoena

ANGASE akhuze ibuya kwezokugijima kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSello Mokoena obengumengameli wale nhlangano kusuka ngo-2012 kuya ku-2019.UMokoena ubebize abezindaba ngoLwesihlanu eMorningside, eThekwini lapho etshele khona abezindaba ukuthi ucelwe ngamakilabhu ukuba abuye kwiKZNA.
Uthi uyasamukela isicelo samakilabhu ngalokho uzolungenela ukhetho lwale nhlangano olusazomenyezelwa usuku lwalo. “Ngithole isicelo kwabezindaba ukuba ngibuye kwiKZNA. Ngithathe isikhathi sami ngaya kocabanga. Ngemuva kwesikhathi eside ngibe sengithatha isinqumo sokusamukela isicelo samakilabhu. “Ukwamukela isicelo sami akusho ukuthi ngiya kokuba ngumengameli. Ngizokwamukela leso sikhundla abathi angisithathe,” kusho uMokoena. UMokoena uzishaya isifuba ngokuthi esengumengameli weKZNA wasebenza kanzima ukuthuthukisa lo mdlalo.

Uthi wasebenza kanzima lapho wasungula isikhungo sabagijimi eNewcastle baseThekwini, wavundulula abasubathi abaningi. Omunye womsubathi azishaya isifuba ngaye nguZakithi Nene was eMnambithi obemele izwe kuma-Olympic nyakenye eFrance. Lo msubathi uthi ubeyingxenye yabasubathi beKZNA behlala endlini yale nhlangano ebiseGlenwood, eThekwini. Ngaleso sikhathi uNene wayefunda e-University of KwaZulu-Natal (UKZN). Omunye umsubathi athi ukhiqizwe ngesikhathi sakhe uSiyabonga ‘Bhongo’ Ndlovu osanda kujoyina iXcel Running Club esuka kwiBlack Diamond.
UMokoena uthi lo ubeyingxenye yesikhungo sabo ebesiseNewcastle. “Ngisaphethe iKZNA kuningi esakwenza nebhodi yangaleso sikhathi. Sakwazi ukuthenga izimoto eziwu-2 ukuthuthukisa ezemidlalo. Lezi zimoto sazithenga kuhle kwesinkwa kwazise sathola isephulelo sika-50%, senza konke sahlukana nahlukana negaraji. Sabe sesivumelana ngokuthi zine nelogo yegaraji iCMH lapho sazithenga khona. Umdlalo kwezokugijima ngiyawuthanda ikakhulukazi ukuvundulula amakhono, ” esho.
Kumanje uMokoena unesikhungo asanda kusisungula iWildniss Academy ezinze ePinetown.Kulesi sikhungo ugxile kakhulu ekukhiqizeni abasubathi abesifazane kanti abasubathi bakhe bagxile kwiCross Country nakwiTrack & Field. Abanye babo bebeyingxenye yeKZNA Youth, Junior and High Schools Championships aqale ngoMgqibelo eMsunduzi Athletics Stadium kanti azosongwa ngeSonto. Uthi inhloso yeWildniss Academy ukukhiqiza abasubathi abazokuba upelepele wesifundazwe kwezokugijima.
