Uncategorised

IZINDABA ezimnandi kubasubathi beComrades Marathon

ICOMRADES Marathon Association (CMA) izonikezela abasubathi abawu-800 indawo yokulala mahala. Umjaho walo nyaka uzokube ugubha unyaka ka-98 uzokuba mhla ka-8 kuNhlangulana (June) usukela eMgungundlovu usongwe eThekwini. 

Lolu hlelo lokusiza abasubathi lubizwa ngokuthi iGems Comrades Runners Village kanti uhlelelwe ukusiza labo basubathi abazogijima lo mjaho abangenawo amandla okuzikhokhela izindawo zokudlala. 

Umjaho wanonyaka ungenelwe ngabasubathi abawu-24 000 kanti indawo okuzolala kuyona abasubathi iku-Alan Paton bude buduze neCity eMgungundlovu lapho kusukela khona umjaho wanonyaka. Abasubathi bazolala ngomhlaka la-7 owandulela ukuqala lo mjaho nangeSonto uma sebeqede ukugijima. 

Kule ndawo abasubathi bahlelelwe no-mattress abasizingeni kanye nokudla kanti nasekuseni ngosuku lo mjaho bazothola isidlo sasekuseni ngaphambi kokuyogijima. 

Ngokombilo weCMA kuthiwa abasubathi abazothola lolu sizo kufanele kube ngabangasebenzi kanti uma besebenza kufanele bahole imali ngaphansi kuka-6000. Abangasebenzi kufanele bathumele incwadi yasemaphoyiseni eqinisekisa ukuthi kabasebenzi. Abasebenzayo bathumele ama-payslip. 

USihlalo weCMA uMqondisi Ngcobo uthi kuwumgomo wabo ukuqinisekisa ukuthi akekho umsubathi ozosala ngaphandle ngenxa yenkinga yemali kwazise izindawo zokudlala ziyabiza njengoba sekusondele usuku lo mjaho. Abafuna ulwazi bangangena kwi-website ethi: www.comrades.com