Uncategorised

Ufuna ukungena nabokuqala abathathu kwiDusi uKhwela

USbonelo Khwela ogwedla komunye umjaho noThulani Mbanjwa

ANGAKUJABULELA ukungena nabagwedli bokuqala abathuthu uSibonelo Khwela kwiDusi Canoe Marathon yanonyaka ezoqala ngoLwesine eMgungundlovu isongwe ngoMgqibelo eThekwini.
Umjaho wanonyaka uyi-K1 (umuntu uzokube egwedla ngayedwa) kanti uKhwela utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi wagcina ukwenza iK1 ngo-2021 kanti uthi unethemba lokuthi uzokwenza kahle.


Ukuzilungiselela lo mjaho uKhwela uthi ugijime imijaho eminingi okuhlanganisa i-Ozzi Gladwin, i-50 Miler, umjaho omusha iMini Midmar. iNanda to Durban neminye eminingi.
“Lo mjaho uhlale unzima ngaso sonke isikhathi. Uyaqala noma kawuwuqali kuyefana. Ngingakujabulela ukungena nabagwedli bokuqala abathathu. Nakulo nyaka kubukeka sisazothwala kaknzima ku-Andy Birkett osenqobe lo mjaho amahlandla awu-14 kulandelana.


“Inkinga uBirkett unamandla kuyo yonke indawo. Umandla emanzini nasekugijimeni uyinkinga. Njengoba lo mjaho uyizinsuku ezintathu, usuku lwesibili sisuka eNo 9 Brigde siya eNanda Dam yolona olunzima kakhulu. Futhi yilapho uBirkett emandla kakhulu khona, uvele avule igebe esingeke sikwazi ukulivala. Isipiliyoni anaso kunzima ukumelana naso njengoba ebuya kuma-Olympic Games nakumaWorld Championships ngokwehlukana. Ngakho-ke kunzima ukumelana nomuntu onjalo,” kusho uKhwela.
Phakathi kwabagwedli okubhekwe ukuba benze kahle emjahweni wanonyaka kukhona uBirkett, uMathew Fenn obegwedla no-Birkett nyakenye kwi-K2 kanti yibona ababe izingqwele, uMsawenkosi Mtolo ongene isibili kwi-K1 ngo-2023 ukubala nje abambalwa.