Uncategorised

IFIKE yashiya umaka kumaSalga Games iHarry Gwala

BAFIKE kwezwakala abasubathi baseHarry Gwala kumaSalga Games aqale ngoLwesine asongwa ngeSomto ngaphansi kukamasipala uMgungundlovu.
IHarry Gwala ibingajwayele ukuba yingxenye yalo mqhudelwano kanti ngendlela abenze kahle ngayo abasubathi bakhona kushiye abaningi bemangele ngenxa yethalente elikhonjiswe ngabagijimi.

U-Inganathi Ngubo ongene isibili kwiNational Youth Run yanonyaka udle umhlanganiso ku-U/17 ebangeni lika-3000m.
Lo msubathi owenza uGrade 8 eKromhoek Secondary School eMzimkhulu ubukeka enekusasas eliqhakazile kwezokugijima eNingizimu Afrika.

Nonyaka ubemele iKwaZulu-Natal kumaSennior eNorth West waphinde wahamba neqembu lesifundazwe ebeliseCape Town ekuqaleni konyaka. Ngaphandle kwalokho uphinde wangena isibili kwiNational Youth Run.

“Ngijabule kakhulu ngokubuya nendondo yegolide kumaSalga Games. Bengiqala ukubamba iqhaza kumaSalga Games nonyaka kanti ngithokoze kakhulu ngokuba yingxenye yale midlalo nonyaka. Ukugijima ngiyakuthokozela kakhulu. Sengihambe izindawo eziningi kuleli ngokugijima kukodwa. Ngithanda ukubonga abazali bami ngokungeseka kulo mdlalo wami engiwenzayo. Ngaphandle kwabo ngabe kangikho lapha,” kusho u-Inganathi oneminyaka ewu-16 ubudala.

Omunye umsubathi waseHarry Gwala owenze kahle kube ngu-Anele Ndawonde naye obeyingxenye yeqembu lesifundazwe ebeligijima kumaSenior eNorth West. U-Anele nonyaka unqobe
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokunqoba i-3000m kumaSalga ebengiqala ukuba ingxenye yayo.

Nonyaka ngibe nonyaka omuhle nganqoba kumaKZNA Champs nganqoba kwi-3000m ku-under 19. Ngasuka lapho ngaya eCape Town ngabuya nendondo yesiliva. Ngaphandle kwalokho ngiphinde ngamela izifundazwe kwiCross Country ngaphinde ngaya kumaTrials eCross Counrty. Yize ngingenzanga kahle kodwa kuningi engikufundile.

“Ngonyaka ozayo ngizogxila kakhulu kwi-5000m nakweminye amabanga. Isifiso sami esikhulu ukugijima ngize ngifike ezingeni loCaster Semenya noGlenrose Xaba,” kusho u-Anele.


Uphethe ngokuthi ubonga kakhulu kumasipala wabo ngokuba yingxenye yamaSalga Games. Uthi le midlalo ibaluleke kakhulu kubona kanti kuningi abakifundile kuyona. IHarry Gwala inqobe amabanga amaningi kwezokugijima. Kwamanje ibithatha indawo yokuqala eyesibili neyesithathu ilandelana.