Uncategorised

KULINDELEKE izikhathi ezinhle kwiSanlam Cape Town Marathon

KUBHEKWE izikhathi ezinhle kwiSanlam Cape Town Marathon engeSonto eWestern Cape. Lo mjaho ungeminye yekhula ngesikhulu isivinini eNingizimu Afrika njengoba ungenelwe ngabasubathi abawu-24 000.

Kuzokhumbuleka ukuthi emjahweni wanyakenye kwenziwa amarekhodi omjaho kubo bobubuli ubulili lapho uGlenrose Xaba wakuleli waqopha isikhathi esiwu-2:22:22 okuyirekhodi lakuleli labesifazane kanti u-Abdisa Tola Adera wase-Ethiopia weqa intambo ngesikhi esiwu-2:08:15.

Nonyaka uGlenrose uzokube engekho ukuzovikela isicoco sakhe njengoba eziungiselela iValencia Marathon.Lo mjaho ozokube ugcine ukugijima ngo-October njengoba ngonyaka ozayo uzogijinywa ngoMayUGerda onqobe iTwo Oceans neComrades Marathon nonyaka ungomunye wabasubathi ababhekwe ngabomvu kulo mjaho.

UGerda uthe ngeke akwazi ukuba yingexenye yalo mjaho ngonyaka ozayo njengoba usuzogijinywa ekuqaleni konyaka. Uthi ngeke akwazi ukugijima iTwo Oceans iComrades neSanlam kwazise isisondelelene kakhulu.

UGerda uthe: “Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yeSanlam Cape Town nonyaka. Ungeminye yemijaho enzima futhi ungenelwe ngabasubathi abaningi engibahloniphayo. Ngigijime ama-10km amaningi ukuzama ukwenza isivinini. Ngijabule kakhulu ngendlela engigijime ngayo ama-10km.

Ngizozama ngayo yonke indlela kahle eCape Town. Ngesikhathi ngiwugijima lo mjaho ngo-2021 (Cape Town) ngayigijima kahle. Kangisibhekile isikhathi kulo mjaho kodwa inhloso yami ukwenza kangcono isikhathi sami sango-2021 okuwu-2:26:25.

Abanye abasubathi ababhekiwe kulo mjaho nguMare Dibaba ongene isibili nyakenye elandela uGlenrose, uWinbfridah Mosete, u-Angela Tanui ukubala nje abambalwa kwabesifazane.Kwabesilisa kubhekwe u-Elroy Gelant ophethe irekhodi lakuleli leMarathon u-2:05, uStephen Mokoka, uThabang Mosiako, uBennet Seloyi, uRonald Korit, uBethwel Kibet, u-Abdisa Tola oyingqwele, u-Adam Lipschitz ukubala nje abambalwa.

Isikhulu esiphezulu salo mjaho u Clark Gardner uthe babheke isikhathi esiwu-2:04 noma u-2:05 kulo mjaho ngenxa yabasubathi abanohlonzo abayingxenye yalo mjaho nonyaka.Lo mjaho uhambisana ne-10km ebingoMgqibelo enqontshwe nguDeon-Lee hendricks ngo-29:27 kwathi uTayla Kavanagh wanqoba esigabeni sabesifazane.