Uxolisile uGlenrose kuTayla ngemuva kokuba engamxhawulanga beqeda iSpar eCape Town

UXOLISILE uGlenrose Xaba ngesenzo esenzekile lapho ebonakala khona engamxhawuli uTayla Kavanagh obe yingqwele yeSpar Women’s Challenge ngeSonto eCape Town.Isenzo sikaGlenrose sithathwe njengokuthi akakwamukeli ukushiywa.
Lo mjaho wokuqala kweyisihlanu ubungenelwe ngabasubathi abawu-18 000 abaphuma kulo lonke elakuleli.Umjaho usaqala uGlenrose noTayla bahambe phambili umjaho usaqala kwaze kwaba lapho uTayla evulelela ngejubane wamdlala uGlenrose obelokhu ehlezi ngemuva kwakhe.
UTayla unqoba lo mjaho nje, kuthe ngeledlule wadla umhlanganiso kwiKwaZulu-Natal Track & Field Championships ebangeni lika-5000m.UTayla weqe intambo ngesikhathi esiwu-31:33 okuyi-personl best yakhe kwathi uGlenrose wangena isibili ngo-31:38. Indawo yesithathu ithathwe ngu-32:16.
“Ngize kulo mjaho ngisesemweni esihle futhi bengiyilungiselele kakhulu lo mjaho. Bengingakulindele ukunqoba lo mjaho. Ngibe nenhlanhla ngokunqoba lo mjaho. Bekungelula,” kusho uTayla.UGlenrose uthe uyaxolisa ngesenzo esenzeke ngesikhathi kubukeka engamxhawule uTayla ngemuva ko mjaho.
“Ngithanda ukuxolisa kakhulu kuTayla. Bengingenankinga yokumxhawula ngemuva ko mjaho. Inkinga ebenginayo bangikhathela bengisafuna ukuphefumula. Kangiyena umuntu ongufuni ukushuywa. No-Usain Bolt bake ngamshiya naya. ‘Tayla ngiyaxolisa kakhulu’ “, kusho uGlenrose obe yingqwele yeGrand Prix Series nyakenye.

UGlenrose unezicoco ezintathu zeGrand Prix.Indawo yesine ithathwe nguKarabo More kwathi uCacisile Sosibo wangena unombolo 5 bonke basubathela iBoxer.
Ukunqoba kukaTayla kuzokwenza ushube kakhulu lo mjaho nonyaka njengoba umsubathi ozoqeda enamaphuzu amaningi kunabanye ezogoduka nemali ecela ku-R200 000.Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe kanje:1. Tayla Kavanagh – 31:33,
2.Glenrose Xaba – 31:38,
3.Kyla Jacobs – 32:164.
4.Karabo More – 32:34,
5.Cacisile Sosibo – 32:42,
6.Karabo Mailula – 33:28,
7. Irvette van Zyl – 33:43,
8. Zanthe Taljaard – 34:23,
9. Carina Swiegers – 34:47,
10. Elizabeth Hutamo – 35:09,
11. Deanne Launscher – 35:41,
12. Caster Semenya -35:44
