BAKHAHLELWE ngaphandle uMokoena noMakhoba ukungenela ukhetho lwe-ASA.

UPHIKA eyokukhishwa kwegama lakhe kwabaya kongenela ukhetho lwe-Athletics South Africa (ASA) uCeli Makhoba okuthiwa ubegaqele isikhundla sokuba nguSihlalo weRoad Running esiphethwe ngu-Enock Skhosana. Ukhetho lwe-ASA luzokuba mhla ka-31 kuMay eGoli.
Kuthiwa ukuze uye kulona kufanele i-form yakho idlule kwisifunda sakho okuyisona esizokunika isibusiso sokuba uqhubekele phambili. Omunye okuthiwa udliwe izembe nguSello Mokoena naye obesiphakamisile isandla sokuya phezulu. USello kuthiwa uzokwazi ukungenal ukhetho lwesifundazwe lapho ezokuba ebanga khona noSteve Mkasi ongumengameli weKZNA.
Yize ekhishiwe uSello kuthiwa maningi amathemba okuthi uzobuya kwiKZNA ngoba baningi abantu abamesekayo abebehamba noKuza lolu khetho nje, kunabaningi abashaya amakhala ngokukhetha kugcina kwe-KZNA njengoba ukhetho lwayo luzokuba mhla ka-14 kuJune. UMengameli weKZNA uMkasi naye ugaqele isikhundla kwi-ASA njengoba efake igama lakhe kwesokuba yisekela mengameli. IKZNA ihambise igama lika-Aleck Skhosana noMkasi ukuya kwi-ASA nabanye.

UMakhoba utshele Umnotho News ukuthi nguyena ohoxile akakhishwanga iKZNA. Uthi okumenze wahoxa ukuthi ngeke akwazi ukuncintisana noMichael Mbambani ongumngani wakhe omkhulu njengoba bebegaqele isikhundla esifanayo. “Ibhodi yeKZNA ingifonelile ingibuza mayelana ne-form yami. Ngibatshelile ukuthi abayihoxise ngoba ngeke ngikwazi ukuncintisana nomngani wami uMbambani. Yilokho okwenzekile,” kusho uMakhoba. Ukhetho lwalo nyaka kubhekwe ukuba lube ngolunzima kakhulu njengoba bebaningi abaqagele isikhundla sokungamela lenhlangano ephethwe nguJames Moloi.
