Ibophele abasubathi beqophelo eliphezulu iTwo Oceans yanonyaka

UGerda Steyn othelwe ngeqoma ukuvikela isicoco sakhe seTwo Oceans Marathon ngoMgqibelo. Isithombe: Sithunyelwe.
KUZOGUGA iteku ngoMgqibelo ekuseni kwiTotalsports Two Oceans Marathon yanonyaka ehlanganise ne-21km ezokuba eCape Town.
Umjaho wanonyaka kulindeleke ukuba ube sezingeni eliphezulu kakhulu ngenxa yokungenelwe ngabasubathi abaningi abanohlonzo abaphuma emakilabhini ehlukene.
Kubukeka kuzokuba mnyama kwabesifazane baKwaZulu-Natal njengoba ithemba lesifundazwe uJenet Mbhele osanda kwehlukana nekilabhu yakhe iXcel Running Club wabuyela ekhaya lakhe lakudala uMzimkhulu Striders engeke abe yingxenye yalo mjaho nonyaka.
Yize kunjalo kubhekwe uGerda Steyn osanda kushiya iPhantane wajoyina iHollywood Athletics Club aqhubeke nokuchanasa kulo mjaho.
UGerda ophethe irekhodi lalo mjaho ngo-3:26 kubukeka ubunzima engase akuthole kuzakwabo u-Irvette van Zyl naye okubeke kwacaca ukuthi usilangazelele isicoco salo mjaho. Abanye abasubathi ababhekiwe besifazane kulo mjaho nguJenna Challenor waKwaZulu-Natal, uGalaetsang Mekgoe, kube nguMaretha Smith, uLoveness Madziva, uMaseret Mengistu ukubala nje abambalwa kwabesifane.

UKhonkhobe ethubeni lokuziqophela umlando uma ekwazile ukuvikela isicoco sakhe seTwo Oceans. Isithombe: Facebook
Kwabesilisa kubhekwe ingqwele yanyakenye u-Onalenna Khonkhobe osefomini enhle njengoba enqobe neSoweto Marathon. Lo msubathi weNedbank Running Club ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuvikela isicoco sakhe.
Omunye umsubathi othwelwe ngeqoma ngoMgqibelo uNkosikhona Mhlakwana osengene nabokuqala abathathu amahlandla amabili kulo mjaho. UMhlakwana ubengoyona ingxenye yalo mjaho nyakenye njengoba ubegxile kwiComrades Marathon. Lo msubathi waseHowick KwaZulu-Natal uthe usazoke ame kancane ekugijimeni iComrades Marathon njengoba esafuna ukugxila amabangeni amafushane.

UNkosikhona Mhlakwana ongomunye wabasubathi okubhekwe ukuba enze kahle kwiTwo Oceans. Isithombe: Facebook
“Njengoba ngikwazile ukungena endaweni yesithathu neyesine ngokwehlukana, isifiso sami ngoMgqibele ukwenza kangcono. Uma ngihluleka ngingakuthokozela ukungena nabokuqala abalishumi,”kusho uMhlakwana osubathela iHollywood Athletics Club.
Abanye abasubathi ababhekiwe kwabesilisa nguLloyd Bosman ongene endaweni yesibili nyakenye elandela uKhonkobe. Baningi abanye abasubathi oikubhekwe ukuba benze kahle kulo mjaho ophethe isiteki sika-R250 000.
