INYUSWE ngamaphesenti alishumi imiklomelo yeComrades Marathon ka-2026

EZINOJU kubasubathi abazokuba yingxenye yeComrades Marathon njengoba ingqwele yalo mjaho izogoduka no-R925 000 kanti nyakenye izingqwele zigoduke no-R875 000. Umjaho wongonyaka ozayo wethulwe ngoLwesithathu emini eMgungundlovu. Ngaphambi kokuba wethulwe kube nomzuzu wokuthula isikhashana kukhunjulwa uCheryl Winn odlule emhlabeni ngoMsombuluko okungomunye wabantu ababambe iqhaza elikhulu ekukhuleni kweComrades Marathon Association (CMA).

UCheryl udlule emhlabeni ngeSonto ese-Underberg lapho abeyochitha khona isikhathi enza umsebenzi obukhonzwe ngumnyeni wakhe uMick wokuthwebula izilwane.
Lesi sikhulu sidlula emhlabeni nje, lenhlangano isemanzini njengoba emasontweni ambalwa edlule bekufihlwa uJetman Msuthu obe yingqwele yalo mjaho ngo-1992.
Uma singena kuwo umjaho abeCMA bamemezeloe ukuthi imiklomelo yalo mjaho yenyuswe ngo-10%. Uma kunqoba umsubathi waseNingizimu Afrika uzohlomula ngo-R242 000.

kuthi uma benza irekhodi bahlabane ngo-R605 000 ngaphezulu. Kukhona neminye imiklomelo eminingi okuhlanganise neyeCell C Hot Spot.
USihlalo weCMA uMqodisi Ngcobo uthe bathula lo mjaho besemanzini kulandela ukudlula emhlabeni kukaCheryl obenamagalelo amakhulu kulo mjaho.
“Siyenyuse ngo-10% imiklomelo yomjaho wanonyaka ukujabulisa abasubathi. Uma ubheka umjaho wanyakenye iComrades Marathon kade yafike kwisigidi. UGerda Steyn onqobe esigabeni sabesifazane ugoduke no-R1.6million kwathi uTete Dijana wahlabana ngo-R1.1million. Uma izingqwele zangonyaka ozayo zingenza kahle zingagoduka nemali ecela kwizigidi ezimbili kuya phezulu. Isimo sethu semali simi kahle kakhulu manje okungefani nesikhathi seCovid lapho saphoqeleke ukuba sehlise imiklomelo kwaphinde kwahamba nabanye babaxhasi.

Sashayeka kakhulu ngaleso sikhathi. Manje izinto sezihamba kahle,”kusho uNgcobo.
Umjaho wangonyaka ozayo uzokuba mhla ka-14 kuJune usukela eThekwini usongwe eMgungundlovu kanti imingenelo yabasegijime lo mjaho amahlandla awu-10 kuya
phezulu kuzovulwa mhla ka-27 ku-October, okuhlanganisa namalunga eComrades. Eminye imingenelo izovulwa mhla ka-3 kuNovember kanti izovalwa uma sekutholakale isibalo sabasubathi abawu-22 000.
Imingenelo kayishintshanga iyafana nanyakenye. Abasubathi bakuleli bakhokha u-R1200 noma bakhokhe uhafu. Kuzofanele bayigcwalisele ngokuphela kukaFebruary.

Abasubathi base-Afrika R2500 kuthi abaphesheya jkwezilwandle kube ngu-R4500.
Ukwethulwa kwalo mjaho bekuhanjelwe uDijana. UDijana uthe uwubheke ngabomvu umjaho wangonyaka ozayo. Uthi kuzofanele awunqobe noma kanjani ukuze Bruce Fordyce amhloniphe njengoba ethi (Fordyce) uDijana akayona ingqwele yalo mjaho kwazise akakaze awunqobe uma kubhekwe eMgungundlovu. Isiqubulo so mjaho wanonyaka sithi ‘Ska Fela Mona’.
