UTHOLE amadlelo aluhlaza umsubathi osemncane ethathwa iPhantane AC

UTHOLE amadlelo aluhlaza umsubathi osemncane obonakale egijima ngophaqa. UQuinton Shazi ugijime i-5km ebeyingxenye ye-SA Men 10km waze wayiqeda ngophaqa. Kuthiwa kubonakale ivideo yalo mfananyana oneminyaka ewu-11 ubudala egijima waze waqeda futhi wenza isikhathi esihle kulo mjaho wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ohlelwe yiSisonke Athletics Club ibambisene noBig Mike Nzimande weVuma FM.
Ukwenza kahle kwalo msubathi kuchaze usihlalo wePhantane Athletics Club uMdu ‘Ayishe Leyompahla’ Khumalo wabe esemsayinisa ngaphansi kwekilabhu. Wamnikezela ilayisensi amateki nokunye. UQuinton kuthiwa ubeqala ukugijima kanti kulo mjaho uqophe isikhathi esiwu-22:25 enza ikhilomitha ngo-4:29.
Lo msubathi osemncane kuthiwa ufike nonina kulo mjaho oxhaswe uMnyango wezeMidlalo. Kuthiwa unina uNompilo uyisihlobo sezinye izikhulu babezile ukuzobuka umjaho.UNompilo ekhuluma noMNOTHO NEWS uthe: “Ngize kulo mjaho sizobuka. Umfana wami ube esecela ukugijima. Ngibe manqika ngoba ubengenazo izinto zokugijima. Ngenxa yentshisekelo abenayo ngimvumela ukuba agijime ngoba uthe uyakuthanda.
“Ngijabule kabi njengoba esethole ikilabhu. Nginethemba lokuthi iphupho lakhe lizofezeka. Ngibonga kakhulu kuKhumalo nekilabhu yakhe iPhantane. Ngiyethemba ukuthi bazomphatha kahle ngoba mina kanganzi lutho ngezokugijima.” UKhumalo uthe ubone i-video kalo mfana obegijima ngezinyawo. Uthi ube eseyazihlupha emfuna.
“Ngimfunile ngaze ngamthola. Ngingakuqinisekisa ukuthi manje useyilunga lePhantane ngokugcwele. Into eyenze ngimfune ngichazwe indlela agijime ngayo. Ubukeka ezokuya kude uma ezozimisela. Kuyamangaza ukubona umuntu okuthiwa akakaze agijime enze isikhathi esihle kanje futhi engagijimi namateki. Ubukeka ezobadlisela ogageni ontaka yakhe.
“Siyikilabhu simfunile saze samthola samhambisela amateki nokunye kokugijima. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi usengomunye welunga lePhantane. Ngibonga kakhulu kwiSA Men ngokusivezela leli thalente,” kusho uKhumalo.

IPhantane ngenye yamakilabhu enza kahle kakhulu kwezokugijima eNingizimu Afrika. Inamagolide kwiComrades, kwiTwo Oceans Marathon kanti abenye babasubathi bayo bake bamela iNingizimu Afrika kanti bahlale beyingxenye yeqembu lesifundazwe. Lekilabhu ithola lo msubathi nje, isanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana neHollywood Athletics Club. UKhumalo uthi lesi sivumelwano sizosiza kakhulu abaqeqeqshi nabasubathi basezindaweni zasemakhaya.
