Uncategorised

Ufuna ukugijima u-27:00 kwi-Absa Gqeberha u-Adriaan

U-ADRIAAN Wildschutt ophethe inqwaba yamarekhodi akuleli emabangeni amafushane uthi ufuna ukwenza u-27:00 kwi-Absa Run Your City 10k Gqeberha engeSonto kulandela ukwenza kahle kwezeokugijima kulezi zinsuku ezedlule.
Lo msubathi ozinze phesheya kwezilwandle ungene unombolo 10 kuma-Olympic Games nyakanye eFrance lapho kade egijima khona i-10 000m. U-Adriaan ozonze phesheya kwezilwandle oyinxusa leHoka okuyinkampani yezingubo zokugqoka uzokube egijima nomfowabo kulo mjaho uNadeel naye osefomini enhle kakhulu.


I-Absa Gqeberha iwumjaho yokuqala kweyisihlanu ehlelwe yiStillwatersports egijinywa eGqeberha, eThekwini, eCape Town, eTshwane naseJohannesburg ngokwehlukana.
Lo msubathi ufuna ukwenza u-27:00 nje, irekhodi lakuleli le-10km wu-27.35 liphethwe nguPrecious Mashele.


“Kuzokuba umjaho wami wami wokuqala ngigijima eGqeberha. Ngiziqeqeshe ngokwanele ukwenza kahle kulo mjaho. Ngiyazi ukuthi into ebhekiwe irekhodi kanti uma ufuna ukwena irekhodi kufanele ugijime u-2:45 ikhilomitha kanti mina ngifuna ukugijima u-2.42 ikhilomitha ukuze ngikwazi ukwenza u-27:00 kulo mjaho. Lokho ngizokwenza ngifuna ukwenza lesi sikhathi engisifunayo,” kusho u-Adriaan.


U-Adriaan usanda kwenza irekhodi lakuleli le-10 000m (26:50:64) kanti uphinde wenza ele-5 000m nele-3000m ngokwehlukana.
Kulo mjaho uzokube ebheke nomfowabo uNadeel, uKabelo Mulaudzi, uKamohelo Mofolo nabanye abaningi abaphuma eKenya.


Kwabesifazane kubhekwe uGlenrose Xaba ophethe irekhodi lakuleli le-10km okuwu-31:12 alenze nyakenye kwi-Absa eThekwini. Kwisithangami sabezindaba uthe unesifiso sokwenza ngcono isikhathi sakhe kulo mjaho kanti uwuqale kahle unyaka edla umhlanganiso kwiWomen Spar Challenge eCape Town.