Uncategorised

BENZA ezibukwayo abasubathi bakuleli kumaWorld Relays eChina

BAGILE izimanga abasubathi baseNingizimu Afrika kwiWorld Athletics Relay eqale ngoMgqibelo kuze kube yiSonto eChina.
Amaqembu amane akuleli adlulele kowamanqamu kulo mqhudelwano futhi enza nezikhathi ezinhle emhlabeno.


Iqembu le-4x100m elibuye nendondo yesiliva nyakenye kuma-Olympic Games eFrance, liqhubeke lapho ligcine khona nyakenye libeka isikhathi esiwu-37:84 okuyisikhathi esisheshayo emhlabeni nonyaka. Leli qembu beliholwa ngu-Akani Simbine osanda kwenza isikhathi esishsheyo emhlabeni kwi-100m okuwu-9.90. Abanye abaseqenjini nguBayanda Walaza, uBradley Nkoana ababenaye eFrance noSinesipho Dambile ongene esikhaleni sikaShaun Maswanganyi.


Elinye iqembu lakuleli elenze kahle ngele-4x400m labesilisa eliholwa nguZakithi Nene waKwaZulu Natal. Abanye abaseqenjini nguMthi Mthimkhulu, ngu-Udem Okon noLythee Pillay, liqophe isikhati esiwu-3:00:00 okuyisikhathi esisheshayo emhlabeni nonyaka.
Elabesifazane le-4x400m liqophe irekhodi laseNigizimu Afrika libeka u-3:28:01 licisha u-3:28:30 owenziwe ngoMarch kuleli emidlalweni yeGrand Prix eTshwane.


Iqembu lesine elizokube lidlala kowamanqamu ngelixubile le-4x400m. Imidlalo yamanqamu izokube ngeSonto ngo-15:03 kuzokuba ngowamanqamu we-4x400m exubile. Ngo-15:26 kube yi-4x100m, ngo-15:36 kube yi4x400m kwabasefazane kuvale i-4x400m yabesilisa ngo-15:49.