UTHI zihamba kahle izinhlelo zeCape Town Marathon uGerda

UGERDA Steyn ujabule ngendlela enze ngayo kwiHollywoodbets Joburg 10km ngoMgqibelo abeze kuyona ukuzozilungiselela iSanlam Cape Town Marathon ezokuba ngenyanga ezayo 19 October eCape Town. UGerda ungene isibili kwiHollywoodbets Joburg 10km eqopha isikhathi esiwu-35:52 elandela uFridah Ndinda waseKenya onqobe ngesikhathi esiwu-35:18 kwathi uKarabo Mailula wathatha indawo yesithathu.
“Ingijabulisile indlela engigijime ngayo. Lokho kunginika ithemba lokuthi ngizokwenza kahle kwiCape Town Marathon. ICape Town Marathon inzima, yingakho ngithe angizogijima lo mjaho weHollywoodbets ngoba nawo unzima, uzongisiza njengoba ngiya eCape Town. Ukugijima kahle namuhla ngingena isibili kunginika elikhulu ithemba lokuthi ngizokwenza kahle eCape Town,”Ukugijima imijaho yakuleli kunigqugquzela kakhulu. Ngaphandle kweHollywoodbets neCape Town Marathon ngizophinde ngibambe iqhaza kwiSpar Women’s Challenge ngomhla ka-5 kwezokwethwasa eGoli. Ngiyacabanga ukuthi le mijaho izongisiza kakhulu ukubhekana nobunzima beCape Town Marathon,” kusho uGerda.

Lo msubathi osubathela iHollywood Athletics Club uke wayigijima iCape Town Marathon ngo-2023. Kubhekwe ukuba enze kahle eCape Town kulandela ukungabikhona kukaGlenrose Xaba onqobe lomjaho nyakenye wenze irekhodi elisha lakuleli okuwu-2:22:22. Uthi nonyaka akalibhekile irekhodi kulo mjaho.UGlenrose ubephula irekhodi likaGerda obekuwu-2:24:03 awenze ngo-2023. Lo msubathi uGerda ube nonyaka omuhle nonyaka njengoba enqobe iTwo Oceans neComrades Marathon ngokwehlukana.
Uya kwiCape Town Marathon nje, kuzokube kungeyokugcina igijinywa ngo-October njengoba ngonyaka ozayo izokuba ngo-April.
“Ngonyaka ozayo ngizolibamba iqhaza kwiComrades neTwo Oceans kodwa kanginalo ulwazi lokuthi ngizokwazi ukugijima iCape Town Marathon ngonyaka ozayo kwazise lemijaho izokube isondelene kakhulu,” kusho uGerda.
