UFANISA amaSalga nama-Olympic
UZAKITHI Nene uncoma igalelo lamaSalga Games empilweni yakhe. Lo msubathi ongowokuzalwa eLadysmith uthi imidlalo yamaSalga eqhubekayo eThekwini kuze kube yiSonto yadlala indima enkulu empumelelweni yakhe kwezokugijima.
UNene ubemele iNingizimu Afrika kuma-Olympic Games anonyaka eFrance enza i-400m ne-4x400m. Lo msubathi ubeyingxenye yokuvulwa kwamaSalga Games ngoLwesihlanu eMoses Mabhida. Ehambisana nabanye abadlali abavundululwa ngama Salga.

UZakithi Nene emele izwe kweminye imidlalo. ISITHOMBE : INSTAGRAM
“Ngijabula kakhulu ukuthi le midlalo is aqhubekayo namanje. Ngiqale ukuba yingxenye yale midlalo ngisagijima ku-U/15. Ingisize kakhulu ukupholisha ithalente kwezokugijima. Mina ngiyibiza ngokuthi ngama ‘Mini Olympic’, ukuba yingxenye yawo kubaluleke kakhulu. Ufana ncamashi ama-Olympic Games.
*Ngingajabula uma lemidlalo ingaba kuzona zonke izifundazwe. “Abadlali abayingxenye yawo kufanele bazimisele ngoba iyisango lezinto ezinhle, uma uzimisele. Ngithanda ukubonga UHulumeni wesifundazwe noMnyango wezeMidlalo ukuqinisekisa ukuthi lemidlalo isaqhubeka,” kusho uNene owenze kahle enqoba omunye umlenze owodwa kweyu-14 yeDiamond League. Lo msubathi uqhube wathi ngonyaka isifiso sakhe esikhulu ukungena eqenjini lesizwe eliya kumaWorld Athletics Championships kanti kunemilenze embalwa azoyidlala yeDiamond League ukulungiselela imidlalo yamaWorld Championships neminye imidlalo emqoka ezomenza abe qatha. Uyahlonishwa esifundazweni njengoba ehlomule ngomklomelo weSport Personality of the Year kumaKZN Sport Awards nyakenye.

Amalambu okuvula ngokusemthethweni amaSalga Games alayithwe nguNene othi wavundululwa kuwo. ISITHOMBE: USPHA MBHELE
