Bazobanga isamba sika-R750 000 abasubathi kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon
UMDIDIYELI wePrince Mangosuthu Ultra Marathon uCeli Makhoba ufisa ukuba lo mjaho ube nabaxhasi bawo abazimele, ungathembeli kuMzinyathi Municipality.
UMakhoba ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi kwethulwa lo mjaho ngokusemthethweni eLangeni Hotel, eThekwini. IPrince Mangosuthu Ultra Marathon (52km) uzokube uhambisana no-21km kanye no-10km. Umjaho wanonyaka uzokuba mhla ka-27 ku-April usukela eNquthu usongwe eDundee kanti ungeminye wokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba mhlaka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.

Abasubathi abazokuba yingxenye yalo mjaho bazohlukaniselana isamba sika-R750 000 kanti izingqwele ze-52km zizohlomula ngo-R150 000 kwehle njalo kuze kufike ku-R2000 ozotholwa ngumsubathi ozongena unombolo 10. Abebanga lika-21km bazogoduka no-R50 000 ngokwehlukana kobulili. I-21km ungeminye yomjaho okhokha kakhulu eNingizimu Afrika.
“Siyabonga kakhulu kuMeya uNgubane waseMzinyathi nesigungu sakhe sokuqinisekisa ukuthi lo mjaho uyaqhubeka nonyaka. Lo mjaho ubaluleke kakhulu kwezokugijima eNingizimu Afrika futhi ukhokha enhle imali. Usushintshe izimpilo zabantu abaningi. Abanye abasubathi bashadelwe ngemali abayithola kulo mjaho.

“Bengingajabula uma ngase lo mjaho ukwazi ukuzitholela abaxhasi abazimele, ungathembeli umasipala ngoba ngelinye kongena abantu abangahambisani nawo,” kusho uCeli Makhoba.
Uqhube wathi imingenelo izovulwa ngoLwesibili. Abasubathi bangangena kwi-website ethi:www.finishtime.co.za noma www.webtickets.co.za.
IMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane uthe umjaho wanonyaka sekungowesikhombisa. Uthi ukhula ngesikhulu isivinini njengoba useheha abasubathi abaphuma emazweni angomakhelwane.
“Inhloso yalo mjaho ukuhlonipha amagalelo kaNtwana waKwaPhindangene. Inhloso yawo ukuthuthukisa omasipala bethu okuwuMsinga, iNquthu, iNdumeni noMvoti. Ngesikhathi siwusungula lo mjaho ngo-2019 sasingazitsheli ukuthi uzogcina usungenelwa ngisho nangabasubathi abaphuma ngaphandle kwelakuleli. Iningi labo likhombise ukuwuthanda njengoba bebuya unyaka nonyaka. Omunye wabo uMike Fokoroni oseke wawunqoba wathi uma ukwazi ukuqeda lo mjaho kukubeka ethubeni lokwenza kahle kwiComrades Marathon ezokuba maduze ngemuva kwalo mjaho. Nonyaka sibeke eceleni isamba sika-R750 000 esizotholwa ngabasubathi abazokwenza, ” kusho uNgubane.

Ukwethulwa kwalo mjaho bekuhanjelwe uMntwana uZuzifa Buthelezi othe naye ujabule kakhulu ngokuthi lo mjaho uyaqhubeka yize uMntwana (Prince Mangosuthu) engasekho. Uthi angajabula uma ungaqhubeka noma uNgubane engeseyona IMeya.
