Uncategorised

Ukhala ngobuqhophololo ujokhi kaMbayimbayi onqobe iDundee July

UKHALA ngobuqhophololo ujokhi kaMbayimbayi odle umhlanganiso kwi-International Race emjahweni iDundee July yanonyaka ebiseDundee Raceccourse ngoMgqibelo. Lo mjaho wamahhashi oxhaswe nguMnyango wezeMidlalo wesifundazwe ubugubha unyaka ka-20 wasungulwa kanti ubuhambisana nenqephu. Ihhashi uMbayimbayi yilo elidle umhlanganiso kulo mjaho, nyakenye ligijima emjahweni omkhulu lagoduka no-R350 000.

Umjaho omkhulu nonyaka ubuphethe isiteki sika-R400 000.UMbayimbayi nonyaka ubegijima kwi-International wabe esehlabana ngesamba sika-R300 000 okuyikona okukhalisa kakhulu uMelusi Gamede obegibele leli hhashi.

“Ngiphatheke kabi ukuthi uMbayimbayi ubeyingxenye ye-International okhokha imali encane, sangafakwa emjahweni omkhulu okhokha imali ening. Lokhu abakwenzile lingaphathe kabuhlungu. Umbuzo wami ukuthi kungani lawa mahhashi ethu afakwe kulo mjaho okhokha imali encane bese eyakhishwa kulo omkhulu. Kubuhlungu lokhu abakwenzayo ngoba uMbayimbayi uyawashiya wonke lawa amanye amahhashi agijima emjahweni omkhulu,” kusho uMelusi Gamede obegibele uMbayimbayi.

Uthi leli hhashi uMbayimbayi selimenzele izinto eziningi empilweni yakhe. “UMbayimbayi ufana nomfowethu. Kuningi esengikuzuzile ngaye. Ngishadelwe nginemfuyo. Usashiywe kanye egibelwe yimina. Ngizokube ngikhona ngoMgqibelo sizobagadulisa kwiKing Cetshwayo Rural Horseracing ngaye uMbayimbayi kangazi ukuthi bazosifaka kumuphi umjaho,” kusho uGamede ongumshayeli wamaloli.

Uthi njengoba enqobile lapha eDundee uzokuya emsebenzini wakhe wokushayela, lona uzolibona ngosuku lo mjaho ngoba imali yalo uyayifuna futhi imsiza kakhulu.UGamede uthi ngendlela abazwana ngayo nehhashi lakhe ufika ngosuku lo mjaho ngosba bazana kakhulu naleli hhashi. Uthi uqale ukuba uneminyaka ewu-12 eyingxenye yamahhashi