Uncategorised

IKZNA NE-ASA kayisavunyelwe ukuvota kwiComrades

ZIZOKWABIWA phakathi nesonto izikhundla zebhodi entsha yeComrades Marathon Association (CMA) eqokwe ngoMgqibelo kwi-Annual General Meeting ebiseMgungundlovu.
Amalungu amasha awu-7 eCMA aqokwe nguMark Leathers, uWillie Mtolo, uMqondisi Ngcobo obengisihlalo weCMA, uMqondisi Ngcobo, uBrenda Marolen, uCarel Nolte, uRory Steyn noDavid Gray. Lamalunga azojoyina uNontuthuko Mashimane no-Isaac Ngwenya abebevele bekhona phambili.
UNgwenya noNontuthoko kabavotelwanga.

Kumanje usihlalo weCMA uJeff Minnaar ongene kulesi sikhundla ngesikhathi kushiya uNgcobo. Kuzokuthi ngoLwesithathu ihlangane lebhodi ukuzokwabelana ngezikhundla. Okuhlalikile kuyo wukuthi amalunga amathathu ngawangaphandle keKwaZulu-Natal kanti umuntu othwelwe ngeqoma ukuthatha esikasihlalo nguBrenda othandwa ngabantu abaningi

Bekungokokuqala ukuba okhethweni lweComrades kuvotwe online futhi kuvunyelwe nabantu abangaphandle.Yize lolu khetho luhambe kahle kodwa kuthiwa luphele kungesekuhle ngemuva kokuba kuphasiswe ukuthi iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) eyengamele ezokugijima esifundazweni ne-Athletics South Africa (ASA) ngeke besavunyelwa ukuvota kwiCMA.

Kuthiwa bazofika emhlanganweni yeCMA njengabantu abaphethe ezokugijima Kuthe kuqedwa ukuvotwa kwabe kusabalala ukuthi sezigcwele izikhala zeComrades Marathon ka-2025 ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini. Bekulindeleke ukuba kuvalwe mhla ka-8 kuDecember ukwamukela izicoma noma uma sekuhlangene u-23 000 okuyisibalo esidingekayo.

NGAMALUNGA amasha eComrades Marathon.

ISITHOMBE: COMRADES MARATHON FACEBOOK PAGE