Sekuvaliwe ukungenela iComrades Marathon

ICOMRADES Marathon iqhubekile nokukhombisa ukuba ngumjaho othandwa kakhulu kuleli nasemhlabeni jikelele. Umjaho wangonyaka ozayo uzokuba mhla ka-14 kuJune usukela eThekwini usongwe eMgungundlovu. Kuvulwe namuhla ngo-10 ekuseni ukuwubhalisela.
Kuvulwe sekubhalise abasubathi abawu-2600 okuyilabo abane-green number namalunga eComrades Marathon Associatio. Kuvulwe kusele izikhala eziwu-20 000 ukuhlanganisa u-22 000 okuyisibalo okuthiwa sizokwamukelwa ngonyaka ozayo.AbeCMA bakhiphe umbiko wokuthi kuthathe amahora alishumi ukuthola isibalo abasidingayo babe sebeyavala. Kumbiko abawukhiphile bathe kuqopheke umlando ngokuba bakwazi ukuthola abasubathi abawu-20 000 ngamahora alishumi.

Bathi bayabonga kubo bonke abagijimi ababe yingxenye yabasubathi ababhalisele umjaho wangonyaka ozayo owandulela owekhulu. Kulo mjaho kulindeleke izikhathi ezinhle kakhulu njengoba izingqwele zawo zizogoduka nemali engaphezulu kuka-R900 000 ngokuhlukana kobulili kwehle njalo kuze kufike kwabazongena endaweni yeshumi. Ngesikhathi kwethulwa lo mjaho uTete Dijana oyingqwele yanonyaka uthembisile ukuthi uzokube ekhona ngonyaka ozayo.
Uthi akuzele kakhulu ukunqoba lo mjaho okokuqala kubhekwe eMgungundlovu. UTete usayinqobe lo mjaho amahlandla amathathu kwehliwa. Omunye umsubathi othe uwubhaliselile umjaho wanonyaka nguCamille Herron oseke wawunqoba lo mjaho phambilini.
