Uncategorised

UTHI uzokuya ngisho enkantolo ukubuyisa iSABC kwezokugijima uma ebuyiselwa kwi-ASA u-Aleck Skhosana.

UTHEMBISA ukubuyisa u-SABC kwezokugijima u-Aleck Skhosana uma kwenzeka ebuyiselwa ekuholeni i-Athletics South Africa (ASA) ezokuba nokhetho ngomhlaka-31 kuMay.
Kumanje ezokugijima zisakazwa kuSuperSport okwenza abantu abaningi abangenayo imali bangakwazi ukubuka lo mdlalo wabo abawuthandayo njengoba uma ufuna ukubuka ezokugijima kufanele ube ne-dercoder ka-R440.

I-ASA yasayina isivumelwano sokusebenzisana noSuperSport ngesikhathi izintambo zokuhola lenhlangano ziwela kuJames Moloi okunguye osaphethe namanje. ISuperSport kuthiwa isakaza imidlalo ye-ASA yeTrack and Field, iComrades, Two Oceans, Soweto, Sanlam Cape Town noDurban International Marathon.

Okuhlalukile namuhla wukuthi iDurban International ibisakazwa yiSABC kanti phambilini iSuperSport yasabisa ngokuyisa iSoweto Marathon enkantolo ifuna ukuba isakazwe kuSABC ngoba abantu abaningi abakwazi ukuyibuka.
“Kuyiphutha ukuba ezokugijima zingasakwazwa emsakazweni womphakathi. Ngisaphethe kwi-ASA sayilwa indaba yeSuperSport ngoba silwela abantu.

Kasinanxa noSuperSport, inkinga wukuthi abantu abaningi ngeke bakwazi ukubuka ezokugijima ngiba kabanayo imali yokukhokhela iDStv kanti okuhle ngeSABC ukuthi inemisakazo eyu-18.
“Uma ngiqokwa ngizokuya ngisho enkantolo ukuqinisekisa ukuthi ezokugijima zibuyela emsakazweni womphakathi iSABC,” uSkhosana.

Uqhube wathi ucelwa ngabantu ukuba abuye kwi-ASA azotakula umkhumbi ocwilayo. Uthi bathe uma abantu bemcela wasamukela isicelo sabo wabe eseyasiphakamisa isandla.
“I-ASA isenkingeni. Kuyaqala emlandweni yayo ukuba kuthiwe iyihlazo. Ukuhluleka kwayo ukuqikelela ukuthi ibhalisiwe ngaphansi kweCIPC kuyihlazo. Nani nizwile nasephalamende izazi zomthetho zithi i-ASA iyihlazo. Selokho ngangena kwezokugijima kangikaze ngiyizwe into efana nalena. Iyaqala futhi kufanele iphele.

Ukungabhalisi kwayo ngaphansi kweCIPC kuchazo elingamukelekile. Ukuthi iyihlazo akusho mina kusho izazi zomthemtho ephalamende,” kusho uSkhosana.
USkhosana uzokuba ebanga lesi sikhundla noMoloi osekuqinisekisile ukuthi uyabuya kanti isekela lakhe kuvela ukuthi uSteve Mkasi ohola iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA). Bakhona nabanye abagaqele isikhundla sokuhola i-ASA.