Abangaphandle babukise abakuleli izithende kwi-Orcas 15km Challenge

UBrian Ontieri ophakathi nendawo obe yingqwele ye-Orcas 15km Challenge kube ngu-Onteng Marope ongene isibili noVictor Lapit othathe indawo yesithathu
ISIYABONAKALA imisebenzi yoLundi Training Camp abasubathi bayo ababili bengena belandelana kwi-Orcas 15km Challenge ngoLwesibili ekuseni eKings Park Athletics Stadium.
Lo mjaho ohlelwe yi-Orcas Academy unqontshwe nguBrain Ontieri waseKenya ngesikhathi esiwu-47:47 emiswe kabi ngu-Onteng Marope waseBotswana ongene isibili ngo-48:02 kwathi uVictor Lapit waseKenya wangena isithathu ngo-48:23.

U-Ontieri noMarope baphuma kuLundi Training Camp lapho bephekwa khona nguSfundo Mbuyisa kanti bobabili bangaphansi kweMaxed Elite International. U-Ontieri ufike nyakenye oLundi kanti miningi imijaho yakuleli aseke wabamba iqhaza kuyona, uMarope uthe unezinyangana efike oLundi kanti uthi ujabule ngokuba lapha oLundi. UMarope uthe umjaho uhambe kahle futhi ujabule ngokungena isibili.
“Bengizimisele ukwenza kahle kulo mjaho kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi umzimba wangavuma ngenxa yokuthi ngibuya kwi-40km ebesiwugijima. Ngizamile ukuzihola phambili ngenza ikhilomitha ngo-2:50 kodwa kwaabuya ukukhathala. Okungenze ukuba ngizame ukuhamba phambili bengizama ukuvula igebe kwazise u-Ontieri ngiyamazi ukuthi unesivinini.
“Ngiyayithanda iSouth Afrika. Abantu bakhona banobuntu. Kuningi esengikufunde kuSfundo Mbuyisa noMoses Gazu. Kuleli ngizele ukuzoncela ulwazi nokunye okuhle okwenzeka kuleli. Ngonyaka ozayo ngifuna ukugijima imijaho eminingi yakuleli ngenze ngcono izikhathi zami kwi-10km nakwi-21km ngokwehlukana. Ngifuna ukugijima omunye wemilenze yama-Absa ngoba inabasubathi abasheshayo lokho okuzongisiza ukwenza ngcono ngokushesha isikhathi sami,” kusho uMarope.

Abasubathi beMaxed Elite abafike bashanele kwi-Orcas 15km kanti bami nomqeqeshi wabo uSfundo Mbuyisa ophakathi nendawo noMoses Gazu ongowesibili ukusuka kwesobunxele
Uphethe ngokugqugquzela abasubathi ukuba basebenze kanzima baziqhelelanise nezidakamizwa. Uthi kumphatha kabi ukubona abasubathi abaningi bezisebenzisa.
Esigabeni sabesifazane kunqobe uTayla Kavanagh weHollywood AC. Uthi ujabule kakhulu ngokunqoba. Uthi umjaho ubuhleleke kahle.
UProdigal Khumalo we-Orcas uthe ujabule kakhulu nonyaka ukubona senyuka isibalo sabasubathi ababe yingxenye yalo mjaho. Uthi okunye okumthokozisile ukubona umsubathi ofana noKavanagh eyingxenye yawo nokuba khona kwabasubathi abaningi abaphuma ngaphandle.
