Uncategorised

Isibhekise amabombo kwiPrince Mangosuthu Marathon ingqwele ye-Orcas Running Ultra Marathon

USISHAYE ehamba yedwa intambo uNokuthula kwi-Orcas Running Academy. Isithombe: Facebook

UNOKUTHULA Ntshangase weBlack Diamond usebheke isicoco sePrince Mangosuthu 10km ngemuva kokudla umhlanganiso kwi-Orcas Academy Ultra Marathon 50km ngeSonto ekuseni eKings Park
Lo mjaho ubuqala ukuba khona nonyaka kanti ngowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.
Ubuhambisana no-25km, u-10km kanye no-5km Trial Run. UNokuthula ushaye intambo ngesikhathi esiwu-3:45:41 evule igebe lika-4km kuJadi Davy owenze u-3:57:25 kwathi uZama Nzuza wathatha indawo yesithathu ngo-4:10:02.

Esigabeni sabesilisa kunqobe uSanele Sibisi obeke u-2:59:15 emiswe kabi nguSbonga Magwaza kwathi uPete Tumbane walala isithathu.
UNokuthula ekhuluma noMnotho News uthe ujabule kakhulu ngokuba yingqwele kulo mjaho. Uthi umjaho ubuhleleke kahle kanti nomzila ubumuhle.
“Ngijabule kakhulu ngokudla umhlanganiso kulo mjaho. Umzila ubunzima kodwa ubumuhle, ubudinga umuntu oqatha ngokwanele. Nangesikhathi engisenzile u-3:45 ngijabule kakhulu ngaso. Ngiyethemba ukuthi uma ngibuya ngonyaka ozayo ngizokwenza isikhathi esingcono kakhulu kulo mjaho.


“Ngempelasonto ngiya kwiPrince Mangosuthu 10km ngizokube sengibona ukuthi yimuphi omunye umjaho engiya kuwona. Ngiyazi ukuthi kuzokube kukhona abasubathi abaningi abasezingeni eliphezulu. Nginethemba lokuthi ngizokwazi ukungena nabokuqala abathathu,”kusho uNokuthula.
Lo msubathi usanda kungena unombolo 3 kwiDurban City Marathon, wangena endaweni yesithathu kwiBalwin Half Marathon nakwiHarry Gwala Half Marathon ngokwahlukana kanti ngeledlule uthathe indawo yesibili kwiChatsworth 10km.

UNokuthula Ntshangase amukela umklomelo wakhe kuProdigal Khumalo we-Orcas Ultra Marathon. Isithombe: Facebook

UProdigal Khumalo ongumdidiyeli walo mjaho uthe bajabule ngendlela umjaho ohambe kahle ngayo yize ubuqala. Uthi yize bengakwazanga ukuthola isibalo abebesifisa uthi kodwa bazobuya ngenyanga ezayo.
“Okusiphazamisile ukuba maningi kwamaMarathon kule nyanga. Sisazohlala phansi sibone ukuthi sithola luphi usuku ngoba uma ubheka, sibuya kwiTwo Oceans, ngeledlule bekuneChatsworth Ultra kanti ngeSonto elizayo kunePrince Mangosuthu Ultra okwenza kube nzima ukuthola abasubathi kulesi sikhathi,” kusho uKhumalo.